NGIWUMUNTU okuthandayo ukuthandwa ngoba nami nginothando nje sidalo sami. Angiqondile kona ukuthi ngiyingelosi eyadukela emhlabeni kodwa ngiwumuntu obathandayo abantu ngokwendlela engadalwa ngayo.
Ukuthanda nokuthandwa kulezi zinsuku sekwaba yinto eyimpicabadala kakhulu ngoba ikhohlisana ihlomile isikhathi esiningi. Uke uzitshele ukuthi umuntu omthandayo uyakuthanda kanti cha ukomunye nje umqondo wena uthanda wedwa.
Sengibonile nokho ukuthi lokhu kufuna kwami ukuthandwa, njengoba ngithanda, sengathi ngeke kuphumelele ngisadla anhlamvana. Sekungicacele kwathi bha okwempahla yentshitane ukuthi umuntu uthandwa kakhulu uma esedlulile emhlabeni. Uyabona nje manje uma kungaphuma igama lokuthi akasekho emhlabeni uBoyah, ungalubona uthando olungavumbuka ezinkundleni zokuxhumana. Ngiwumuntukazana nje ongabaluleke ngalutho kodwa ngalolo suku lokuvela kwezindaba zokufa kwami ungathola nami sengiphezulu laphaya koTwitter wena owabona abantu abadumile impela njengo-Itumeleng Khune noCaster Semenya.
Ngibuhlungu-ke ngokuthi mina ngidinga uthando manje kodwa izindodla zalo ziyoqhamuka kakhulu uma sengingakwazi ukulujabulela sengilele ubuthongo bafuthi. Ngiyazi uma kukhulunywa ngokufa abantu abathandisisi, bazoze bacabange ukuthi sengininga ukuzikhunga.
Okwenza ukuthi ngiyiqale kanje le ngosi ukuthi iNingizimu Afrika isiphinde yagubuzelwa yifu elimnyama ngokudlula emhlabeni kukaPhilemon “Chippa” Masinga (osesithombeni). Cha yona le nkunzi isizumile impela yize kwezwakala ngoDisemba ukuthi ingeniswe esibhedlela ibambekile.
Kwenzeke lokhu engiqale ngakho ngenhla-ke ngesikhathi kuvela izindaba zokudlula emhlabeni kukaMasinga ngeSonto. Luqubuke okwamagagasi olwandle, edudulwa isivunguvungu somoya, uthando lwakhe kubo bonke abantu baseNingizimu Afrika. Akugcinanga lapha kwelengabadi ngoba naphesheya cha kuqhume isililo esihambisana nothando kwezwakala bencoma ubumnene, uthando, ukuzinikela nokuphilela ibhola kukaMasinga.
Ningangizwa kabi bakwethu. Angisho ukuthi kubi ukukhalisana nomndeni wakwaMasinga nokuncoma amagalelo akhe kunobhutshuzwayo ngoba sonke siyazi ukuthi uyibekile induku ebandla. Okungicasula ngizwe ngincinzelwa amakhwapha kakhulu ukuthi kukhona namanga aqanjwayo manje ngoba nakhu esethule umfo kaMasinga.
Uyazi ngezwa ngithukuthela, yize ngingangene, ngesikhathi umengameli weSouth African Football Association (Safa) uDanny Jordaan ephawula ngoMasinga. UJordaan uthe: “Besikulindele ukwamukela uPhil njengesinye sezikhulu zeSafa”.
Njengoba ngibhala le ngosi nje iqiniso ukuthi angizazi izingxoxo ebeziba khona phakathi kukaJordaan (noma iSafa) noMasinga. Nokho yinto engihlulekayo ukuyikholwa ukuthi sikhona isikhundla ebesiphendlelwa uMasinga kwiSafa. Yini singakaze sizwe ngalokho? Kwenzeka kanjani ukuthi kuzwakale ngoba nakhu esengakwazi ukuziphendulela uMasinga?
Inkinga ebhekene nabaphathi bebhola baseNigizimu Afrika ukuthi banamanga ngale ndlela exakile. Kungekudala bekukhulunywa ngokuthi uLucas Radebe ubefuna ukungenela ukhetho lukamengameli weSafa wachithwa. Ngiyazi ukuthi kwakusetshenziswa umthethosisekelo othi akekho ngaphansi kwezinhlaka zeSafa ngakho akavunyelwe ukungenela ukhetho. Kodwa ngiyazi ukuthi uma engadlula emhlabeni uRadebe, uJordaan angaphinde akhulume into engekho athi kukhona abebekuphendlela yena kwiSafa yize sazi kahle ukuthi akukho. Akayena umuntu ozwana neqiniso uJordaan futhi sengikusho kaningi lokhu kuyona le ngosi phambilini.
Ziningi izinkakha ezasenza saziqhenya ngeBafana Bafana ngo-1996 njengaye uMasinga kodwa azisetshenziswa yiSafa ukuqinisekisa ukuthi ibhola lethu liyakhula. Akwanele ukuthi nguHelman “Ncane” Mkhalele kuphela okhona ezinhlakeni zeSafa njengoba eyiphini likaThabo Senong eqenjini lesizwe lika-Under 20, Amajita.
Ngake ngezwa kuthiwa u-Aaron “Mbazo” Mokoena angase abe yimenenja kwiSafa, ngasho ngathi hhayi sesobona uma sekwenzeka. Kuvimbeni kuyimanje ngoba phela ukhona uMokoena akenzi lutho?
Laba abakhona kwiSafa njengamanje abayingeni indaba yokudedela abanye ngoba basafuna ukudla imali okungenani eminye iminyaka emihlanu. Bayongena ezinhlakeni zeSafa mhla liphuma ngakuphike ilanga abadlali abadala beBafana?
Into okumele siyiyeke nje siyisizwe ukuthanda umuntu ngoba esefile, okungasizi ngalutho. UMasinga bekumele athandwe aphinde anikwe umsebenzi esaphila hhayi lokhu kumncoma njengamanje okungasasho lutho. Ulale ngoxolo Chippa, bayeke nokukhuluma into engekho oJordaan ngoba nakhu ungasakwazi ukuziphendulela.
- Phansi Emgodini