ISIHLUKENE nomqeqeshi waseSerbia, iRoyal Eagles egijima kuNational First Division (NFD).
Ngesonto eledlule i-Eagles ilande umqeqeshi waseSerbia, uZlatko Krmpotic ngenhloso yokuthi azovala isikhala sikaRoger Sikhakhane osanda kudlula emhlabeni.
Lo mqeqeshi ubekhona iqembu lishaywa yiMaccabi FC ngo 2-1 ngempelasonto eChatsworth Stadium kodwa ubengahlezi ebhentshini ngenxa yokuthi ubengakawatholi amaphepha okusebenza eNingizimu Afrika.
Uzakhele udumo eqenjini laseZambia, iZesco United ebalwa nezikhondlakhondla zamaqembu amakhulu e-Afrika.
UJames Dlamini oyimenenja jikelele yeqembu noSazi Ngubane bebeyibambe ebhentshini kwazise uKagiso Dikgacoi ongelinye lamaphini usamisiwe.
Isolezwe lihabule izindaba zokuthi lo mqeqeshi akasekho.
“Umqeqeshi akaseyona ingxenye yeqembu. Kodwa ungathinta uJames Dlamini akucacisele kahle ukuthi yini eholele ekutheni adedelwe,” kusho umthombo othembekile.
I-Eagles ngeke idlale ngale mpelasonto ngenxa yokuthi uSikhakhane obecija iqembu ufihlwa ngoMgqibelo. Leli qembu bekumele libhekane neMbombela United ngosuku olufanayo. Umdlalo usuhlehliselwe uLwesithathu.
UDlamini ethintwa ngendaba yomqeqeshi uthe:"Kuyiqiniso ukuthi umqeqeshi akaseyona ingxenye yeqembu. Sithathe isinqumo sokuthi simkhulule ngenxa yokuthi sibonile ukuthi indaba yakhe yokuthola amaphepha izothatha isikhathi kanti nemidlalo iyaqhubeka. Indaba yakhe yamaphepha ibingaze ilunge ngemuva kwezinyanga ezimbili. Ngemuva kwezinyanga ezimbili sobe sesidlale uhhafu wemidlalo yeligi. Ngaleyo ndlela sifinyelele esinqumeni sokuthi kuhlukanwe ngoba vele besingakasayini.”
I-Eagles ihleli endaweni ka-11 kwi-log ngamaphuzu awu-12 emidlalweni ewu-10. Isele ngamaphuzu ayisishiyagalombili kwiStellenbosch FC eqhwakele.
“Umqeqeshi simfisela inhlanhla lapho eya khona. Sizoqhubeka nokuthungatha umqeqeshi omusha ozoyisa iqembu phambili. Okwamanje sisagxile ekutheni siphothule amalungiselelo okufihlwa komqeqeshi wethu. Sishayeke kakhulu ngokudlula kwakhe emhlabeni,” kusho uDlamini.
Izolo uSikhakhane ubenzelwe inkonzo yesikhumbuzo eCoastlands Hotel eMhlanga.
“Iqembu liyaqhubeka nokuzilolonga. Okwamanje iqembu lisaholwa nguSazi. Sesibheke ukuthola amaphuzu emidlalweni elandelayo,” kusho uDlamini.
Imidlalo yeNFD:
NgoMgqibelo ngo-3.30 ntambama: Real Kings v Cape Umoya United (Sugar Raty Xulu Stadium); Witbank Spurs v Ajax Cape Town (Puma Rugby Stadium); Stellenbosch FC v Jomo Cosmos (Cape Town Stadium); Maccabi FC v Uthongathi FC (Dobssonville Stadium); TS Sporting v Richards Bay (KwaBokweni Stadium)
NgeSonto: TS Galaxy v University of Pretoria (Kameelrivies Stadium, 3.3pm).