IKHOMBISE izimpawu zokugudla i-Orlando Pirates inkulumo yenhloko yabaqeqeshi kwiMamelodi Sundowns, uPitso “Jingles” Mosimane ngesikhathi ephefumula ngokuqhathwa kweyokuhlunga ngaphansi komqhudelwano iCAF Champions League yonyaka ozayo.
Ukuqhathwa kukhishwe yiCAF ngempelasonto lapho imidlalo ewu-26 yokuhlunga izoqala ngoNovemba kuya kuJuni wonyaka ozayo. ISundowns itonyulwe neLeones Vegetarionos yase-Equatorial Guinea kwathi iBucs yaqhathwa neLight Stars yaseSeychelles.
Ngemuva kweminyaka ewu-54, iChampions League isizoshintsha idlalwe phakathi kuka-Agasti noMeyi kusukela ngesizini ka-2019/2020. Lokhu kwenziwe ukuze kuzoqondana kahle nendlela osekuyiyona vele okudlalwa ngayo emhlabeni wonke.
Leli qembu elizobhekana neSundowns elinegama elingajwayelekile liphethwe isiqumama esisemkhakheni wezitshalo saseSpain. Libunjwe eminyakeni ewu-18 edlule. Okwesibili iLeones ingena kwiChampions League kwazise ngesizini edlule ikhishwe yiGor Mahia yaseKenya.
Ekhuluma ngemuva kokubambana nePirates ngo 1-1 koweligi obudle ngezidubedube, uMosimane uncokole ngokuthi ubengalindele ukuthi angaqhathwa nezidlakela kodwa ubebheke okungenani iqembu laseSeychelles ukuze ezophatha izimpahla zakhe zokubhukuda emabhishi akhona.
“Sibhekene nengwadla ngoba sitonyulwe nezidlakela. Akekho ongazi ukuthi entshonalanga ne-Afrika kuboshelwe izinsizwa ezinde futhi ezondlekile. Bengizitshela ukuthi ngoba kusahlungwa sizozitholela okungenani abantu abazidobela ofishi uma bengekho enkundleni. Bengilindele okungenani amazwe alula njengayo iSeychelles lapho kuphathwa khona izimpahla zokubhukuda njengoba isanda kwenza iBafana Bafana,” usho kanje uMosimane ekhasini le-You Tube leBucs ngemuva komdlalo obuseLoftus Stadium ngoMgqibelo.
“Ngiyazi anginawo umzimba wokugqoka i-speedo sodwa kodwa abadlali bami bebezongivikela ngama-six pack abo, nokho lutho asitholanga lokho. Sithole ukhonkolo womdlalo hhayi indaba yokuthola imidlalo komakhelwane njengeMauritius. Phela kulawo mazwe ekuseni bayadoba bese beyoziqeqesha ntambama,” kusonga lo mqeqeshi.
Nakuba engakushongo kwaqonda kwiPirates kodwa lokhu kuyahlangana uma ubheka isimo esikhona phakathi kwala maqembu kusukela uRulani Mokwena ewelele ngakwiBucs esuka kwiDowns.
IPirates iyona etomule iqembu laseSeychelles iLight Stars. Kungenzeka-ke ukuthi kuziqondanele nje uMosimane wafaka indaba yabadobi kodwa abanye bakubuka lokhu kuyinkulumo enokugudla iPirates ngokuthola umdlalo olula kweyokuhlunga. Imidlalo yokuqala yokuhlunga izoqala ngoNovemba 27 no-28 eyemilenze yokuqala bese ibuya ngoDisemba 4 kuya ku-5 ngeyesibili.