UKHONJWA kwiKaizer Chiefs umdlali weMamelodi Sundowns ongekho ezinhlelweni zomqeqeshi uPitso “Jingles” Mosimane.
Leli phephandaba lithole izindaba zokuthi iChiefs neSundowns basezingxoxweni zokuthi bashintshane ngamanxele.
“Izingxoxo ziyaqhubeka phakathi kweSundowns neChiefs ngekusasa likaGeorge Lebese. Okwamanje akukho okusasayiniwe noma okusavunyelwene ngakho. Womabili amaqembu ayayixoxa indaba yokuthi kushintshwane ngabadlali. ISundowns ifuna ukunika iChiefs uMuzi Mashaba bese ikhokha nemali ngaphezulu ukuze ithole uLebese,” kusho umthombo.
ULebese akeneme kuMakhosi. Emidlalweni emibili edlule akazange abonakale. Ubengekho iChiefs idla umhlanganiso kwiCarling Black Label Cup emasontweni amabili edlule.
UVina Maphosa wezokuxhumana kuMakhosi uveze ukuthi akadlalanga kulo mqhudelwano ngenxa yokuthi wayelimele. Nangempelasonto uphinde wangabonakala ngesikhathi iChiefs ithelwa othulini yiChippa United kwiPremier’s Cup eSisa Dukashe, e-East London, e-Eastern Cape.
Amakhosi aguqiswe yiChippa United ngo 1-0 kulo mqhudelwano.
UThulani Thuswa wezokuxhumana kwiSundowns ukubeke kwacaca ukuthi akanalo ulwazi ngendaba kaMashaba.
“Njengoba ngangishilo lapha kwiSundowns asikwazi ukuphawula ngomdlali onenkontileka neqembu elithize. Ngakho ngicela siyihloniphe iChiefs,” kusho uThuswa.
UMashaba uxabane nozakwabo ngasekupheleni kwesizini edlule emdlalweni we-Absa Premiership ngesikhathi iSundowns ibhekene neBaroka FC emdlalweni weligi.
Ngemuva kokugxekwa ozakwabo ngesikhathi sekhefu wenqaba ukubuyela enkundleni. Indawo yakhe yathathwa nguFares Hachi.
UMashaba kulindeleke ukuthi avele ekomidini eliqondisa izigwegwe kwiSundowns ngesenzo sakhe.
IChiefs kudala imfuna uMashaba kodwa ihluleka ukumthola. UMaphosa uveze ukuthi alukho ulwazi asaluthole ezikhulwini ngodaba lukaLebese noMashaba.
Ngakolunye uhlangothi iSundowns kulindeleke ukuthi iqede konke no-Oupa Manyisa, obedlalela i-Orlando Pirates, okuyimanje ujima nayo (iSundowns).
Khonamanjalo uLebese usejinyiswa nezintwana zeChiefs zika-Under-19. NgoLwesibili leli qembu liqinisekisile ukuthi lisezingxoxweni neSundowns ngokuthi lidayise uLebese. IChiefs izobhekana neSuperSport United emdlalweni weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoMgqibelo ngo-8.15 ebusuku.
Lo mdlalo ubhekwe ngabomvu ngoba iSuperSport ihlale iyihlupha iChiefs kungakhathalekile ukuthi kudlalelwa muphi umqhudelwano.
Imidlalo yeMTN 8:
Imidlalo yeMTN 8:
Kusasa: Bidvest Wits v Golden Arrows (Bidvest Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Cape Town City v Polokwane (Cape Town Stadium, 3pm); Kaizer Chiefs v SuperSport United (Moses Mabhida Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Mamelodi Sundowns v Maritzburg United (Loftus Stadium, 3pm)