AYIKHO ebifuna ukugoba uphondo phakathi kukaThabo Matlaba we-Orlando Pirates noReneilwe Letsholonyane weSuperSport United kulo mdlalo we-Absa Premiership obuse-Orlando Stadium izolo ebusuku Isithombe: BACKPAGEPIX

KUGQAME ubunzima bomsebenzi osahlalele umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin Sredojevic, ezakhe zidedela ithuba lokuhlala esicongweni se-log ye-Absa Premiership.

IPirates ibambane ngo 0-0 neSuperSport United emdlalweni weligi e-Orlando Stadium, eSoweto, izolo ebusuku.

USredojevic ufike kwiPirates kubhekwe ukuthi abuyise izinsuku zenjabulo. Nokho leli qembu lisawine imidlalo yeligi emine ngaphansi kobuholi bakhe.

Ukuba eZimnyama ziwinile bezizoqhwakela kwi-log. Nokho kugcine kunyukele esicongweni iMamelodi Sundowns ebhudluze iBaroka ngo 4-0 ePitoli izolo ebusuku. IBaroka iyona okuqale imidlalo yayizolo ihlezi phezulu.

IPirates idlale owayizolo ihambela phezulu kwazise ibikade ihlule iBloemfontein Celtic ngo 1-0 kodlule. Nokho izolo abadlali beZimnyama kade behluleka ukuhlanganisa amaphasi ayisihlanu nokuyinto ebikade icasula uSredojevic ebhentshini.

IPirates iqale umdlalo inengcindezi yokuziphindiselela kwiSuperSport ebukise ngayo kabuhlungu ngesizini edlule ngesikhathi iyixebula ngo 6-1 nokuholele ekutheni kusule umqeqeshi uMuhsin Ertugral.

Amatsatsantsa ayiphindile iPirates eyihlula ngo 4-1 kowamanqamu weNedbank Cup isiqeqeshwa nguKjell Jonevret eThekwini ngesizini edlule.

Ithuba lokuqala lo mdlalo elicacile liwele uThamsanqa Gabuza ngomzuzu ka-10 kodwa walishaya eceleni.

Emuva kwalokho iSuperSport, esanda kuhlulwa kowamanqamu weCaf Confederation Cup, izamile ukwakha awayo amathuba kodwa yahluleka ukuwasebenzisa. Imithonseyana yabalandeli bePirates kade izama ukugqugquzela abadlali kodwa abeyingcosana kakhulu amathuba okushaya amagoli abekade akhiwa abadlali baleli qembu.

Ngokuqhubeka komdlalo iSuperSport iqale ukucanasa. Ibhola likaJeremy Brockie lishaye ipali engabonanga lutho unozinti uJackson Mabokgwane.

Emuva kwemizuzu embalwa uClayton Daniels uhlulwe wukuvalela phakathi ibhola elimthole ebhokisini.

Esiwombeni sesibili iSuperSport iqhubeke lapho ebikade igcine khona kwesokuqala.

Nokho iPirates igcine ilitholile ithuba lokushaya igoli kodwa uThabiso Kutumela walishaya eceleni kwepali emuva kwebhola ebelidlalwe nguLuvuyo Memela kwesokunxele.

Ngomzuzu ka-76 uMpho Makola wenze okufanayo emuva kwephutha likanozinti weSuperSport uReyaad Pieterse.

Imiphumela yayizolo ye-Absa Premiership

Cape Town City 2-4 Maritzburg United; Mamelodi Sundowns 4-0 Baroka; Orlando Pirates 0-0 SuperSport United.