INGASE ihlawuliswe kanzima iBloemfontein Celtic esibekwe icala lokuhluleka ukuqinisa ezokuphepha nokudicilela phansi isithunzi sebhola, esabaxhasi nezinhlangano ezengamele unobhutshuzwayo.
NgoMsombuluko iPremier Soccer League (PSL) ikhiphe isitatimende iveza ukuthi iCeltic izovela phambi kwekotini eliqondisa ubugwegwe ngo-Ephreli 25 iyoziphendulela ngala macala.
“IBloemfontein Celtic ibekwe icala lokuhluleka ukuhlinzeka ezokuphepha ngendlela efanele emdlalweni nangokwehlisa isithunzi seligi, abaxhasi i-Absa, iSafa, CAF neFifa,” kusho isitatimende.
Leli qembu lingene obishini ngenxa yabalandeli balo abavuke umbhejazane kade iPhunya Sele Sele ibhekene neCape Town City emdlalweni we-Absa Premiership ngeSonto.
Kuphoqeleke ukuthi lo mdlalo umiswe kusadlalwe imizuzu ecela ku-20. Abalandeli kuthiwa bangene enkundleni kuqhubeka umdlalo, abadlali baze babalekela ezindlini zokushintshela.
Kube ongaphansi nongaphezulu abalandeli bengafuni ukuphuma enkundleni nokuphoqe ukuthi amaphoyisa agcine esebenzisa isisi esikhalisa unyambezi nezinhlamvu zenjoloba ukubahlakaza. Ngaleso sikhathi abalandeli beSiwelele bese bebhoncula nezihlalo eDr Molemela Stadium.
Kuthiwa bakhalela ukuthi akekho kwiCeltic ozimisele ngokulalela izikhalo zabo njengoba iqembu libhekene nezinkinga zezimali okuke kwaholela ekutheni abadlali bangazitholi izimali abakweletwa zona.
Kulindeleke ukuthi iligi ikhiphe usuku ozodlalwa ngalo lo mdlalo kwazise isiyasongwa isizini njengoba sekusele imidlalo emine.