KUBUKEKA zilengelwa yizembe izethenjwa zeKaizer Chiefs okukhona kuzo okuvele ukuthi zisindiswe yisigwebo seFifa ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2020/2021.
Ukuvinjelwa ukusayinisa abadlali kweChiefs kuholele ekutheni ivuselele izinkontileka zabanye abadlali obekuthathwe isinqumo sokuthi bakhonjwe indlela.
IChiefs izoze ivumelekile ukusayinisa abadlali abasha ngesizini ezayo.
Ukuphela kwesizini ka-2020/2021 kuzoqondana nokuphela kwezinkontileka zenqwaba yabadlali asebenyamanambana kubalandeli.
Kubadlali abaphelelwa yizinkontileka kwiChiefs kukhona u-Itumeleng Khune noKhama Billiat abanombandela wokuvuselela.
Abanye nguPhilani Zulu, Siphelele Ntshangase, Bernard Parker, Daniel Cardoso, Kgotso Moleko, Ramahlwe Mphahlele, Willard Katsande noBruce Bvuma.
Bonke ngokomthetho bazobe sebevumelekile ngoJanuwari ukuqala izingxoxo namanye amaqembu.
Lokhu kusho ukuthi umqeqeshi uGavin Hunt uhlalelwe wumsebenzi wokubhekisisa asazobadinga ngesizini ezayo.
Selokhu efikile uHunt kuMakhosi izinto azikamhambeli kahle. Ngaphandle kokuhlulwa yi-Orlando Pirates kwiMTN 8,
emidlalweni yeligi iqembu alikaze lishaye igoli iqembu lakhe. Igoli elisegameni leChiefs kwi-log kube wumkhonto ogwaze ekhaya ewine ngalo kwiChippa United.
Uma izinto ziqhubeka zimbhedela uHunt ngabadlali abakhona, ikakhulukazi abakade bahlala eqenjini, kubukeka emakhulu amathuba okuthi agcine ngokubachitha, agawule izinduku ezintsha.
Namuhla uHunt unenselelo yokuhlanganisa iqembu elizobuya namaphuzu agcwele kwiLamontville Golden Arrows emdlalweni weDStv Premiership eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont, ngo-3.30 ntambama.
Amakhosi asendaweni ka-11 ngamaphuzu amane emuva kwemidlalo emithathu.
Kungenzeka iChiefs ibhekane nobunzima kwi-Arrows eqale isizini ka-2020/2021 ngegiya eliphezulu nomqeqeshi uMandla Ncikazi othe ngeke ayithathe kancane iChiefs phezu kwezinkinga zayo kule sizini.
Ngesizini edlule iChiefs iyehlule kuyona yomibili imidlalo yeligi i-Arrows.
Iyehlule ngo 2-0 eFNB Stadium, eGauteng, yadlula ngo 1-0 wegoli likaLebo Manyama elingene ngomzuzu wokugcina eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Abafana Bes’thende basendaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu ayisihlanu emuva kwemidlalo emithathu.