UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uJosef Zinnbauer, uminciswe yisexwayiso somqeqeshi weJwaneng Galaxy yaseBotswana abazobhekana nayo emdlalweni womlenze wesibili wokubanga indawo esigabeni samaqoqo kwiCAF Confederation Cup.
EZimnyama zizokwamukela iGalaxy emdlalweni ozoba se-Orlando Stadium, eSoweto, ngeSonto ngo-5 ntambama. IPirates inqobe ngo-3-0 kowomlenze wokuqala eBotswana ngesonto eledlule. IGalaxy yehlele emidlalweni yokuhlungela ukungena esigabeni samaqoqo eConfederation emuva kokuhlulwa yiMamelodi Sundowns kowokuhlungela ukungena esigabeni esifanayo kwiCAF Champions League emasontweni adlule.
Nakuba amagoli amathathu kungabukeka eseyiwezele ngaphesheya iPirates kodwa uZinnbauer uzwakale engakhululekile ngenxa yamazwi ka-Ovis Rapotsane, opheka iGalaxy awasho ngemuva kowomlenze wokuqala.
"Umphumela esiwuthole kowomlenze wokuqala ekuhambeni muhle. Kuhlala kubalulekile ukuthi iqembu lenze kahle ekuhambeni uma kwenzeka. Kodwa manje kufanele siqaphele. Umphumela muhle impela kodwa kufanele sixwaye ngoba ebholeni kungenzeka noma yini. Umqeqeshi wabo uthe uma iPirates ishaye amagoli amathathu ekuhambeni, nabo bengawashaya. Basexwayisile. Sekusezandleni zethu ukuthi sishaye amanye amagoli nokuthi siqoke iqembu elifanele uma sesibonile ukuthi yibaphi abadlali abalungele ukudlala. Asifuni ukuzithela ngabandayo," kusho uZinnbauer.
IPirates idlala kwiConfederation okwesithathu. Igcina ukudlala kulo mqhudelwano, ihlulwe kowamanqamu yi-Etiole du Sahel yaseTunisia ngo-2015 ngaphansi komqeqeshi u-Eric Tinkler.
IGalaxy, ebunjwe ngo-2014, idlala okwesibili kwiConfederation Cup. Ibhekene nenselelo yokuthi sekuyophela unyaka imisiwe iligi yaseBotswana. Ngakho izicija ngemidlalo yobungani.
"Bekungelula ukuthola ulwazi ngabo. Besithola iziqeshana zemidlalo yobungani futhi nabangani bethu kwamanye amazwe basisizile kakhulu. Kodwa imidlalo yobungani ayifani neyangempela. Ithimba labahlaziyi elinoFadlu lisebenzile ekutheni sithole okuthize. Banabadlali abahle, unozinti wabo usezingeni eliphezulu. Umsebenzi manje usemahlombe ethu," kusho uZinnbauer.