ISILOMO sabalandeli bebhola baseNingizimu Afrika esingumqeqeshi weBaroka FC, uKgoloko Thobejane, sisongele iLamontville Golden Arrows ngobungozi bamaqembu aqeqeshwa yisona emidlalweni yawo yasekuhambeni.
IBaroka edonsa kanzima kulezi zinsuku ngenxa yokugqoza kwemiphumela, izovakashela i-Arrows emdlalweni weDStv Premiership ongeSonto ngo-3.30 ntambama, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
UThobejane obekhuluma ohlelweni leSuperSport, i-PSL Now, uthembise isibhaxu iqembu likaLehlohonolo Seema, echoma ngokuthi abafana abaphekwa nguye, kuvele kube sengathi bayahlanya uma bedlala ekuhambeni.
Lo mqeqeshi odume ngamatemu ashiya abathandi bebhola bebhuquza yinsini, ukhushulelwe esikimini esikhulu ngenhloso yokuhlenga umkhumbi obekubukeka sengathi uyacwila ngaphansi kukaMatsemela Thoka.
UThoka uphambane noThobejane njengoba esezogxila ekuqeqesheni iqembu leDStv Diski Challenge.
IBaroka ibambe unombolo-13 kwi-log ngamaphuzu ayisishiyagalombili emidlalweni eyishumi.
“Okusemqoka kunakho konke kimina ukuthi abadlali bajabule ngokugcwele ngaso sonke isikhathi ngoba uma beneme bazokwenzela lokhu okufunayo.
“Uma kungenzeka lokho (injabulo yabadlali), singayiwina imdlalo emihlanu ezayo kulandelana ukuze sisuke kule ndawo engasifanele esikuyona njengamanje,” kusho uThobejane.
Ngemuva kokudlala ne-Arrows, iBaroka izovakashela i-Orlando Pirates bese yamukela iSwallows FC neCape Town City ngokwahlukana.
“Angazi nami ukuthi kuvele kwenzekeni kodwa emidlalweni yasekuhambeni, abadlali abaqeqeshwa yimina bavele bavuke indlobane.
“Ngiyayixwayisa ngempela i-Arrows ngoba esikuyela eThekwini amaphuzu kuphela, hhayi okunye. Kweyasekhaya imidlalo, angazi noma ibhadi noma ingcindezi kodwa kuvele kube sengathi bawayeka ngamabomu amathuba,” kusho lo mqeqeshi wetemu elithi “football will kill you real death.”
Yize engazange acacise ngombandela abekelwe wona kodwa uthe, ulandelwe ukuzobuyisela iBaroka kwi-Top 8.
“Ngiyaphinda ngithi uma abadlali bami bekhululeke ngaphakathi, sizoqeda sisendaweni ezokwenza abalandeli bethu bazishaye isifuba ngathi. I-Top 8 engilandelwe yona ngakho-ke i-Top 8 iyona esizoqeda sikuyona,” kusho lo mqeqeshi osonge ngokukhumbuza i-Arrows ngobunzima ezobe ibhekene nabo ngeSonto.