UDIYO Sibisi, ongumgadli woMvoti FC, ubalisa ngenzondo abazobhekana nayo uma bengahluleka ukwenyukela kwiGladAfrica Championship.
UMvoti umele isifundazwe, iKwaZulu-Natal, emidlalweni yokuhlunga kazwelonke ye-ABC Motsepe League ezoqala ngoMsombuluko kuya kuJulayi 3 eNelspruit, eMpumalanga.
Ayisishiyagalolunye amaqembu avela ezifundazweni ezahlukene eNingizimu Afrika azobanga izindawo ezimbili kwiGladAfrica. I-Anaconda ikleliswe kuGroup A lapho kuzofanele imimilite khona iMangaung Unite yaseFree State neGlendene yaseWestern Cape ukuze izozibeka ethubeni lokuyobagwinya kwiGladAfrica.
KuGroup B kuqhathwe iHungry Lion yaseNorthern Cape, FC Sivutsa NPC yaseMpumalanga neLeruma yaseGauteng. KuGroup C kuzogijimisana iPlatinum City Rovers yaseNorth West, BCM Stars yase-Eastern Cape neThe Dolphins yaseLimpopo. Kuzobe kungokwesithathu iminyaka ilandelana Umvoti uyodlala eyokuhlunga. Nyakenye ukhishwe kowandulela owamanqamu.
"Sineqembu elihle kakhulu. Nakanjani kulokhu kufanele sibuye siyiphethe indebe. Kuzoba ngokwesithathu sidlala kweyokuhlunga. Uma singahluleka kulokhu kusho ukuthi ngeke siphinde siyinqobe. Amaqembu e-ABC Motsepe eKZN azosizonda manje uma singaphinda sihluleke ngenxa yokuthi kuhlala kuya thina kodwa siyahluleka. Asesikhululile ukuthi sihambe, sinyukele kwiGladAfrica. Akufanele siqhuzuke kuze kube kathathu ngoba sesiyayazi imidlalo yokuhlunga," kusho uSibisi.
UMvoti uzovula neMangaung Unite KwaNyamazane Stadium ngoMsombuluko ngo-3.30 ntambama. Umdlalo wesibili izowudlala ngoLwesibili neGlendene United ngo-12.30 emini.
Amaqembu amathathu azoqeda ehlezi phezulu eqoqweni ngalinye azodlulela kowandulela owamanqamu kanye neliqoqe amaphuzu amaningi kwaqede endaweni yesibili kula maqoqo amathathu. Amaqembu amabili azowina eyandulela owamanqamu azongena kwiGladAfrica.
"Kubaluleke kakhulu ukuthi siwine umdlalo wokuqala neMangaung ngoba yiwona owumhlahlandlela wokuthi sizokwenza kanjani kule midlalo. Esimeni esinjena udinga ukuwina umdlalo wokuqala, udlale ngokulingana kowesibili. Umdlalo wokuqala yiwona esiwubheke kakhulu ngoba sidlala neqembu elinesipiliyoni kweyokuhlunga njengathi," kusho uSibisi.
UMvoti uzicije ngomdlalo wobungani neTS Sporting eMpumalanga ngoLwesithathu. Wagcina uwine ngo 1-0.