USIHLALO weMaritzburg United, uFarook Kadodia, uyayichitha imibiko ethi injini yaleli qembu, uSiphesihle “Mbesuma” Ndlovu, ibifuna ukuya kwi-Orlando Pirates ichayise iMamelodi Sundowns.
Leli phephandaba lisanda kushicilela udaba ezinyangeni ezimbalwa ezedlule, lapho khona uKadodia ekuveza ukuthi iSundowns iyona engase isayinise uNdlovu kodwa uzohamba uma kuphela isizini esikuyona ka-2018/2019.
Ngokuthola kweSolezwe, empeleni akuyona kuphela iSundowns ebifuna uNdlovu kodwa nePirates yasifaka isicelo sokusayinisa lo mdlali.
“Umfana (uNdlovu) akajabule ngokuthi uKadodia wakhetha iSundowns ekubeni yena wayefuna ukudlalela iBucs. Womabili amaqembu afaka isicelo ngesikhathi esifanayo, abeka nemali. Okunenga uNdlovu ukuthi wamtshela uKadodia ukuthi yena ufuna ukudlala kuphi kodwa wathatha isinqumo esehlukile.
“Lokho sekuholele ekutheni noma edlala uyazihudula, kangangoba sekukhona abadlali abangeneme ngokudlala kwakhe, abakhala ngokuthi uyalilahla ibhola, ajike angamaki ngoba nakhu esazi ukuthi uyahamba vele,” kusho umthombo osondelene naleli qembu ocele leli phandaba ukuthi lingalinge lidalule igama lawo.
Kwenzeka lokhu nje, uNdlovu usanda kuthola ikhadi elibomvu, iMaritzburg idlala neKaizer Chiefs eHarry Gwala Stadium ngo-Agasti 17. Kulowo mdlalo uNdlovu wathola ikhadi elibomvu ngomzuzu ka-16.
Leli phephandaba libe nengxoxo noKadodia mayelana nemibiko yokuthi wakhetha ukusayinisa uNdlovu kumaBrazilians ekubeni umdlali yena efuna ukudlalela eziMnyama.
“Akulona iqiniso ukuthi iPirates ibifuna uNdlovu. Into nje engingayiqinisekisa ukuthi iSundwons kuphela eyafaka isicelo,” usho kanje uKadodia.
Intatheli ibe isibuza ukuthi akakaze yini uNdlovu akuveze ukuthi ufuna ukuyodlala kwiBucs.
“Izintatheli ziyathanda ukudayisa abadlali. Ngomunye unyaka zathi uRusike (Evans) ufunwa yiChiefs. Uma unganaka izinto ezishiwo yizona ngeke wafika endawo. Kuyinto engekho ukuthi uNdlovu ufuna ukuya kwiPirates. Lena yokuthi akaseneme ukudlala kwiMaritzburg angiyazi ngoba akukho asakukhombisile kuze kube yimanje.
“Uzohlala kuze kuphele isizini eqenjini ngoba ngifuna aqhubeke lapho egcine khona ngesizini edlule. Ngingakuqinisekisa ukuthi akasekho omunye umdlali ozohamba kule sizini ngemuva kukaMaboe (Lebohang) ngoba sifuna ukuthi sigcine umgqigqo weqembu kuze kuphele isizini,” usho kanje uKadodia.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
Kusasa: Maritzburg United v Cape Town City (Harry Gwala Stadium, 8pm)
NgoMgqibelo: Free State Stars v Bloemfontein Celtic (Goble Park Stadium, 3.30pm); Kaizer Chiefs v Polokwane City (Moses Mabhida Stadium, 6pm); AmaZulu v Orlando Pirates (King Zwelithini Stadium, 8.15pm); Highlands Park v Chippa United (Makhulong Stadium, 8.15pm)
NgeSonto ngo3.30 ntambama: Lamontville Golden Arrows v Black Leopards (Princess Magogo Stadium); Mamelodi Sundowns v Bidvest Wits (Lucas Moripe Stadium); Baroka FC v SuperSport United (New Peter Mokaba Stadium)