OWAYENGUMGADLI weKaizer Chiefs, uKnowledge Musona, uzoqhubeka nokuhlala eBelgium yize amaqembu aseNingizimu Afrika ebezemisele ukumthola uma isimo sivuma.
Imenenja yakhe, uMike Makaab, weProSport International, itshele i-Independent Media ukuthi amaqembu aseNingizimu Afrika aphuthelwe kanjani wukuthola uMusona.
Amaqembu ePSL anake ukuqedela imidlalo yesizini kakhulu kunokusayinisa abadlali okuyinto eyenze aphuthelwa nguMusona.
“Amaqembu amaningi abheke kakhulu isimo esikhona njengamanje. Kukhona lokho kungazi ukuthi imidlalo izoqedelwa nini nokuthi isizini entsha izoqala nini. Ambalwa kakhulu amaqembu azinikela ezivumelwaneni, ikakhulukazi lezo ezithinta abadlali abaphezulu,” kusho uMakaab.
IMamelodi Sundowns iveze ukuthi iyamfuna uMusona ngesikhathi kuvuleke iwini eledlule. IChiefs kuyohlale kuyikhaya lakhe futhi akukho ukungabaza ukuthi iqembu lingathanda ukuphinde libe naye.
“Ngesizini edlule ubolekiswe kwi-Eupen. Ibizimisele ukumgcina kodwa ngebhadi yangamsayinisa ngokuphelele. I-Anderlecht seyivumile ukubolekisa uMusona enye isizni,” kusho uMakaab.
UMusona wazibonakalisa kwiPremier Soccer League (PSL) eminyakeni edlule ngaphambi kokuthi athathwe ngamaqembu ase-Europe.
“Ngemuva kwale sizini uKnowledge uzobe esanenkontileka yonyaka ne-Anderlecht. Nginesiqiniseko sokuthi uma enza lokhu akwenze ezinyangeni ezimbalwa zokugcina zesizini edlule, uzophinde abe yinyama emaqenjini. Unekhono kanti useneminyaka ewu-30 kuphela,” kubeka uMakaab.
UMusona ushaye into ecokeme egqoke imibala yaMakhosi ngesikhathi esagijima eMzansi. Wakhala wemuka neLesley Manyathela Golden Boot (umklomelo wamagoli amaningi) ngaphambi kokuya eGermany ngo-2011.
“UKnowledge ungumdlali onekhono noziphethe kahle. Ungikhumbuza uSiyabonga Nomvethe. Uyawunakekela kakhulu umzimba wakhe. Uyindoda ewuthandayo umndeni wayo. Uthathe izinqumo ezikahle ngempilo yakhe ebholeni,” kuqhuba uMakaab.
UMusona ubelokhu edlala eBelgium kule minyaka emihlanu edlule.
“Anginakho ukungabaza ukuthi uMusona usasalelwe yiminyaka eminingi emzimbeni nasemilenzeni yakhe, edlala ezingeni eliphezulu,” kwenaba uMakaab.
UMusona, waseZimbabwe, ufike kwezwakala kwi-Eupen ngesizini edlule, ebolekisiwe.
“Ngiyajabula ukuthi uhlalile kwi-Eupen ngoba usezinzile laphaya. Abadlali bayamazi, umqeqeshi uyamthanda. Nabalandeli bayamthanda. Ngakho kubalulekile ukuthi uma umdlali esendaweni ajabule kuyo naseyijwayele ahlale ngoba ithuba lokwenza kahle liyakhula. Uma usendaweni oweneme kuyona maningi amathuba okuthi uzinikele ngokuphelele. Nginesiqiniseko sokuthi uKnowledge uzokwenza kahle ngesizini ezayo,” kuchaza uMakaab.