UMQEQESHI we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ukholwa wukuthi obengunozinti weqembu, uBrilliant Khuzwayo, angahlomulisa isizwe uma engangena kwezokuqeqesha ngenxa yolwazi lwebhola analo.
NgoLwesithathu iPirates imemezele ukuthi uKhuzwayo usephoqekile ukuthi ayeke ukudlala ngenxa yokulimala. UKhuzwayo, ojoyine iPirates ekuqaleni kwesizini edlule esuka kwiKaizer Chiefs, ubengakaze adlale kweZimnyama. Ugcine ukudlala eqenjini leMultichoice Diski Challenge (MDC), kwathiwa usekulungele ukubanga ijezi kwelidlala kwi-Absa Premiership. Kodwa kuzwakale ukuthi uselimele futhi.
“Ubengumdlali oletha umoya omuhle eqenjini, obukade udingeka. Kusukela afika ubelokhu enezinkinga eseziholele ekutheni kuthiwe akaliyeke ibhola. Siphatheke kabi kodwa sihlonipha konke okuhle esizokukhumbula ngaye,” kusho uSredojevic.
“Ngikholwa wukuthi kuningi asengakunika iNingizimu Afrika uma engangena kwezokuqeqesha. Esinye isahluko sivalekile emuva kwakhe kodwa esisha siyavuleka. Noma ngabe ukuphi, wenzani sengathi uMdali angaba naye. Ngikholwa wukuthi unakho konke ukuthi angaqala izifundo zokuqeqesha ngoba unamava futhi ngolwazi analo ngendlela ibhola okufanele lidlalwe ngayo, kungaba kubi kakhulu uma umuntu ofana naye engabuyeli emuva ayonika abanye lokhu ibhola elimnikeze khona.”
UKhuzwayo ubekade ebhekwe njengonizinti ozothatha indawo ka-Itumeleng Khune kwiBafana Bafana. Iphupho lakhe elikhulu bekuwukudlala kowabakhaya ophakathi kweChiefs nePirates kuvimbe uKhune kuMakhosi. Ushiye kwiChiefs ngoba exakwa wumbango wejezi phakathi kwakhe noKhune abekhala ngokuthi awunabo ubulungiswa.
“Siyazi ukuthi bekuyisifiso sakhe esikhulu leso kodwa kuvele kwenzeka ngale ndlela. Kubuhlungu ukuthi kugcine kungenzekanga. Kodwa akusenani, umoya wakhe uyohlala unathi ngaso sonke isikhathi,” kusho uSredojevic.
I-Pirates izovula isizini entsha neBloemfontein Celtic e-Orlando Stadium, eSoweto, kusasa, ngo-6 ntambama.
Imidlalo ye-Absa Premiership:
NgoMgqibelo: Mamelodi Sundowns v SuperSport United (Lucas Moripe Stadium, 3pm); Baroka FC v Cape Town City FC (Old Peter Mokaba Stadium, 3pm); Chippa United v Stellenbosch (Nelson Mandela Bay Stadium, 3pm); Orlando Pirates v Bloemfontein Celtic (Orlando Stadium, 6pm); AmaZulu FC v Bidvest Wits (King Zwelithini Stadium, 8.15pm)
NgeSonto: Highlands Park v Kaizer Chiefs (Makhulong Stadium, 3pm); Black Leopards v Polokwane City (Thohoyandou Stadium, 3pm); Lamontvile Golden Arrows v Maritzburg United (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm)