USEYOSHAYA adume ngazo kwi-SuperSport United uThamsanqa Gabuza obengumgadli we-Orlando Pirates.
AmaBhakaniya aqinisekise lezi zindaba ngoLwesine eveza ukuthi uGabuza uzohamba noKudakwashe Mahachi beyojoyina aMatsatsantsa aPitori.
Esitatimendeni esishicilele kwiwebsite yayo, iPirates ibonge iSuperSport ngokusingatha izingxoxo ngalaba badlali ngendlela efanelekile.
UGabuza (31) ubonge abePirates ngakho konke abamenzele khona esangamdlali wayo.
“Ngifisa ukubonga wonke umndeni we-Orlando Pirates ngakho konke abangenzele khona ngisahlezi kuleli qembu.
“Kuningi okuhle engizokukhumbula njengoba ngishiya, ngokunjalo nabangani engabatholile. Ngibonga uSihlalo ngokudlala indawo kababa empilweni yami,” usho kanje.
☠ @orlandopirates Agree Terms With SSU
⚫⚪🔴⭐ #OnceAlways pic.twitter.com/1ccgp6zMKp
— Orlando Pirates FC (@orlandopirates) June 27, 2019
IPirates ibafisele okuhle kodwa ngekusasa labo laba badlali.
Kuvela lezi zindaba nje, uMahachi usamatasa neZimbabwe kwi-Africa Cup of Nations, umdlalo wayo ne-Uganda izolo uphele ngo 1-1 ngemuva kokushaywa yi-Egypt emdlaleni wokuqala.
UGabuza ushiya leli qembu ngemuva kwesizini engamuhambelanga kahle achithe isikhathi esiningi esebhentshini kuyo. Nyakenye wakhumula ijezi walijikijela ezibukelini ngaphambi kokuduba umdlalo ungakapheli.
Isenzo sakhe wasenze bebhekene neBlack Leopards kowe-Absa Premiership. Lo mdlali ushiya iPirates eyishayele amagoli alishumi emidlalweni ewu-92.