USALE egxeka abadlali bakhe abayibamba kwiBafana Bafana umqeqeshi weBidvest Wits, uGavin Hunt, obalisa ngokuthi bazenzele phansi njengoba sebehlisiwe esicongweni se-log ye-Absa Premiership.
IWits ihlulwe yiCape Town City ngo 3-2 emuva kokuthi kuyiwe ekhefini ehamba phambili ngo 2-0 emdlalweni wePremiership obukade useBidvest Stadium ngoMgqibelo ebusuku. Lokhu kulandela ukuthi iZitshudeni zikade zibanjwe ngo 1-1 yiMamelodi Sundowns ingasaphelele enkundleni emdlalweni owandulela oweCity. Ukulahla amaphuzu kuholele ekutheni iWits yehle esicongweni se-log ebisihlale kuso isikhathi eside kule sizini. Leli qembu selehlele endaweni yesithathu kwazise kweyesibili sekune-Orlando Pirates. Udonga lweWits lwakhiwe ngunozinti uDarren Keet, Buhle Mkhwanazi, Thulani Hlatshwayo noSifiso Hlanti abadlalela iqembu lesizwe. Kukhona noVuyo Mere owake wadlala kwiBafana eminyakeni edlule.
“Siwudlale kahle wonke umdlalo. Amathuba amathathu abawatholile bashaye amagoli. Ngokwamathuba esiwatholile besingagcina siwina ngo 8-3 kodwa asimakanga kahle, amaphutha abadlali ngabodwa ayamangaza. Amaphutha enziwa abadlali beBafana. ICity ishaye igoli emuva kwemizuzwana engu-18 sibuye ekhefini. Senze amaphutha elandelana. Sesingenelwe ama-free kick amaningi ukudlula wonke amaqembu kwi-ligi. Noma kunjalo besinawo amathuba okuwina umdlalo. Singenelwa amagoli kodwa sinabadlali cishe abayisihlanu beBafana Bafana emuva,” kusho uHunt.
IWits izithola ingase iphunyukwe yisicoco seligi nje ibivule igebe lamaphuzu futhi indlela ebidlala ngayo bekucaca ukuthi kuzoba nzima ukuyehlisa emthini. Ukuba iwinile kwiCity ibizobuyela esicongweni kwazise izimbangi, iMamelodi Sundowns, zibanjwe yiBloemfontein Celtic ngo 0-0.
“Leli bekuyithuba lokweqa sizinike nentuba yokuphefumula. Ngikholwa wukuthi noma ubani angayiwina le ligi ngoba amaqembu awanawo umgqigqo.Wonke amaqembu asephezu kwethu ngenxa yezenzo zethu. Hhayi ngoba engcono kunathi kodwa yingoba sibuyele emuva esikhundleni sokuthi ngabe sivule igebe lamaphuzu ayisihlanu noma ayisithupha esicongweni, sinethezekile. Kodwa konke lokhu kungenxa yodonga lwasemuva. Siyawakha amathuba,” kusho uHunt.