UYAGOLOZA ukudayiselwa iMamelodi Sundowns ukaputeni weMaritzburg United, uThabiso Kutumela, ofunwa yinqwaba yamaqembu kwiDStv Premiership.
UKutumela ushaye into ecokeme ngesizini esanda kusongwa, eshayela iTeam of Choice amagoli angu-12 emidlalweni yeligi. Ubesohlwini lwabaqokelwe umklomelo wePSL Player of The Season nowePSL Players' Player of The Season. Yomibili igcine idliwe nguPeter Shalulile weSundowns. NgeSonto eledlule, kuvele ukuthi iMaritzburg ifuna isizumbulu sikaR15 million ngoKutumela.
Umqeqeshi weSundowns, uManqoba Mngqithi usanda kucashunwa ezwakalisa uthando lwakhe ngoKutumela owadla umklomelo womshayimagoli ovelele kwiGladAfrica Championship eminyakeni edlule esadlala kwiBaroka.
"Ngiyamthanda. Kodwa anginaso isiqiniseko sokuthi uyeza yini eqenjini noma cha. Ningambuza. Ngesikhathi esekwiBaroka, ngangimthanda. Namanje kusenjalo," kusho uMngqithi.
Ukumba eqolo kukaKutumela sekuholele ekutheni ahlehle amanye amaqembu abemfuna okukhona kuwona AmaZulu. Nokho kungenzeka kushintshe konke ngenxa yokuthi lo mgadli akayizwa eyokusayina kwiSundowns. Umthombo osondelene noKutumela uveze ukuthi lo mgadli, owaphenduka isibukeli kwi-Orlando Pirates, akasafuni ukudlalela iqembu elikhulu.
"UKutumela uthi akayi kwiSundowns. Useyitshelile neMaritzburg. Amaqembu angavumelana kodwa yena akafuni. UKutumela uthi amaqembu amakhulu adlala ngaye kakhulu, akasafuni ukuwadlalela. Uthi wenelisekile kulawa amancane," kusho umthombo.
Ukunqaba kukaKutumela ukusayina kwiSundowns kungaphazamisa ubudlelwano obuphakathi kwaleli qembu neMaritzburg. La maqembu ayanikana abadlali cishe njalo ngesizini. Maphakathi nesizini edlule i-United idayisele i’Downs umdlali wasemuva uRushine De Reuck.
Inkontileka kaKutumela neMaritzburg izophela ngesizini ezayo. Lokhu kusho ukuthi ngoJanuwari uzobe esevumelekile ukusayina inkontileka yesibambiso nelinye iqembu, iTeam if Choice ingatholi lutho ngaye.
IMaritzburg, esinde ezembeni ngesizini ka-2020/2021, isivele idedele abadlali engasabadingi. Kulaba badlali kukhona uKwanda Mngonyama, Daniel Morgan waseNew Zealand, Dusan Stevic nonozinti uJethren Barr.
Ayiphumelelanga imizamo yokuthola usihlalo weTeam of Choice izolo, uFarouk Kadodia njengoba ucingo lwakhe ubengalubambi.