USIHLALO wePremier Soccer League (PSL), u-Irvin “The Iron Duke” Khoza, wethule inkampani entsha ezoxhasa isigaba esiphezulu sebhola eNingizimu Afrika. Inhlangano yezokusakaza kuthelevishini iDigital Setellite Television (DStv), yethulwe nguKhoza njengabaxhasi abasha bePremiershp izolo ebusuku. Kusayindwe isivumelwano seminyaka emihlanu.
I-Premiership ibixhaswe yibhange i-Absa iminyaka engu-13, nokho baphela ubudlelwano bokusebenzisana ngesikhathi kusongwa isizini ka-2019/2020. Isigaba esiphezulu sebhola sesizokwaziwa ngeDStv Premiership.
“Kube wunyaka onzima kakhulu lona ebholeni lethu, ngenxa yezingqinamba ebesingenakuzibalekela. Igciwane iCorona lisenzele phansi kakhulu kodwa asizange sidikibale. Kungakho namuhla simemezela ubudlelwano obusha boxhaso phakathi kwethu neDStv.
“Ngemuva kwezingxoxo ezidonse isikhathi, sikhethe ukuthi siqale ubudlelwano nabo. Sifisa ukubonga nakwezinye izinkampani, ezisondelile, zakhombisa uthando zifisa ukuxhasa ibhola lethu. Ngalobu budlelwano sifisa ukubeka phambili ibhola lethu,” kusho uKhoza izolo ethula abaxhasi abasha.
Isikhulu esiphezulu kwaMultichoice ephethe iDStv, uCalvo Mawela asiwuvali umlomo ngobudlelwano obusha nePSL.
“Sinothando oluyisimanga lwebhola lakuleli. Ukuhloniphana nothando lwebhola yikhona kanye okusibeke lapha sikhona nePSL. Kubalulekile ukuthi ikuqonde ukuthi iPSL eyawo wonke umuntu. Sithi babize bonke, sijabule kakhulu ngalobu budlelwano esibuqalile,” kusho uMawela.
Eminyakeni engu-13 kuxhase i-Absa, kuningi okwenzekile okuyizimanga.UGavin Hunt uqophe umlando enqoba kathathu isicoco seligi kulandelana neSuperSport United.
I-Orlando Pirates inqobe amahlandla amabili izicoco ezintathu, nokungumlando. Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso “Jingles” Mosimane, usanda kuchonywa uphaphe lwegwalagwala ewelisa ngelibanzi iSundowns ngokuyinqobisa isicoco sesithathu seligi kulandelana ngesizini esanda kusongwa.
UMosimane ube ngumqeqeshi wokuqala ukunqoba isicoco seligi amahlandla amahlanu. Ubebambene noGordon Igesund, Ted Dimitru noHunt abanqobe isicoco seligi kane.
Iligi entsha izobe ihambisana nesiqubulo esithi “Babize Bonke”.
UKhoza uthe uzobiza umhlangano ngoLwesibili lapho bezonquma khona ukuthi imidlalo yeligi izoqala nini nokuthi ompetha bazohlomula ngamalini.