OBENGUNOMPEMPE emidlalweni yePremier Soccer League (PSL), uVictor Hlungwani, ukholwa wukuthi lingaphakama izinga lokuphathwa kwemidlalo eMzansi uma onompempe bengaqashwa ngokugcwele.
Ekupheleni kwesizini ka-2021/2022, uHlungwani waseLimpopo, umemezele ukuthi usethatha umhlalaphansi ekufutheni impempe emuva kweminyaka engu-23 esesigabeni esikhokhelayo.
Ungomunye wonompempe abahlale isikhathi eside ebholeni laseNingizimu Afrika. UHlungwani uzoqeqeshelwa ukuba yi-match Commissioner ngenyanga ezayo. Ushiya ngemuva izinselelo eziningi konompempe afisa ukuthi zilungiswe, ukuze zizoncipha izikhalo ngomsebenzi wabo eMzansi. Kuleli sekuyinsakavukela ukubona izinqumo zonompempe ezingagculisi ezinkundleni.
"Onompempe kufanele baqashwe ngokugcwele, ukuze bezogxila emsebenzini wabo ngokuphelele. Iningi lonompempe kalisebenzi. Lokhu kukhomba ukuthi bangaba ngonompempe ngokugcwele. Abanye bangamaphoyisa, bajaha izigebengu amahora ayisishiyagalombili ngosuku. Emuva kwalokho kufanele bazodlalisa. Sincane isikhathi abasitholayo sokubuyekeza imidlalo nokuzicija ngemithetho yebhola. Mina bengichitha amahora ayisishiyagalombili ekilasini ngifundisa. Ngenxa yomsebenzi wesikole, bengingasitholi isikhathi sokuhlaziya kahle imidlalo, okuyinto ebalulekile. Cabanga ukuba onompempe baqashwe ngokugcwele, bachitha isikhathi beziqeqesha, behlaziya imidlalo. Kufanele onompempe baqashwe ngokugcwele, ukuze bagxile emsebenzini wabo. Ngalokho angancipha amaphutha abawenzayo enkundleni," kusho uHlungwani.
ENingizimu Afrika bonke onompempe bangaphansi kwenhlangano eyengamele ibhola, iSouth African Football Association (Safa). Njengoba ngempelasonto izoqala imidlalo yeDStv Premiership amehlo wonke azohlala konompempe, ikakhulukazi abazodlalisa imidlalo ethathwa njengemikhulu.
"Okwenzekile njengoba kade kuneCovid 19, ukuthi kwenyuswe inqwaba yonompempe abasebancane ngesikhathi esisodwa. Lokhu kudale izinkinga ngoba kade bengajwayele kulesi sigaba. Kodwa ngicabanga ukuthi ngesizini edlule anciphe kakhulu amaphutha abawenzile ngoba kade sebejwayele. Ngisho umdlalo wabakhaya phakathi kweKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates, uphathwe ngunompempe obengaziwa nakuba kudlalwe bengekho abalandeli," kusho uHlungwani.
"Kule sizini ngibheke ukuthi bakhombise ukudlondlobala onompempe, baqhubeke nokwenza kahle. Sebewayekile amaphutha abaqale bewenza. Lokhu kukhombisa ukuthi bayakhula ngenxa yokunikwa ithuba. Abalandeli bebhola sebengabethemba."