Sibusiso Mdlalose
UMQEQESHI woThongathi FC edlala kwi-GladAfrica Championship, uPitso Dladla, uthi uyilungele inselelo azobhekana nayo ngesizini ezayo njengoba kufana nokuthi uqala phansi iqembu kulandela ukuhamba kwabadlali abaningi abamqoka.
Phakathi nesonto uDladla wethulwe ngokusemthethweni ekucijeni leli qembu ngokugcwele ngesizini ezokwethwasa, elekelelwa nguPapi “Ginger” Zothwane, ozoba yiphini lakhe.
UZothwane usuka kwi-Lamontville Golden Arrows lapho abeyibambe khona njengephini likaVusumuzi “Kanu” Vilakazi, oqeqesha iqembu elincane le-Arrows elidlala kwi-MultiChoice Diski Challenge (MDC).
“Ngiyiqonda kahle inselelo engizobhekana nayo ngesizini ezayo, ikakhulukazi njengoba iqembu lisanda kuhanjelwa ngabadlali abaningi abamqoka bethathwa ngamanye amaqembu ePremiership. Kodwa lokho akusho ukuthi kufanele ngenze izaba ngalokho, okufanele ngikwenze ukubhekana nomsebenzi wokwakha iqembu elizokwazi ukuncintisana namanye kuGladAfrica ngesizini ezayo,” kubeka uDladla.
Uqhube wathi futhi unethemba elikhulu lokuthi bazosebenza ngokubambisana noPapi ekuthatheni leli qembu balibeke kwelinye izinga ngesizini ezayo.
“UPapi usuka kwi-Arrows edlala kwiPremiership, futhi nginesiqiniseko sokuthi ufunde lukhulu ngokusebenza noKanu (Vilakazi) eqenjini leMDC elisebenzisanayo neqembu elikhulu le-Arrows elidlala kuPremiership.
“Ngakho ulwazi lwakhe alutholile ngokusebenza kwi-Arrows luzolekelela kakhulu lapha eqenjini lethu,” kusho uDladla.
UDladla (42), odabuka eNewtown, oThongathi, wayeyiphini likaRonnie Gabriel ngenkathi leli qembu lidla umhlanganiso kumaPlay-Off eSafa ABC Motsepe League ngo-2017 e-Eastern Cape, likhushulelwa esigabeni seGladAfrica Championship.
UDladla akakufihli ukuthi ufunde lukhulu kuFerreira osemnkantshubomvu, kanti futhi usafunda nakwabanye abaqeqeshi baseNingizimu Afrika.
“Ngifunde lukhulu kumqeqeshi uJohnny, ngenxa yokuthi bengiba naye ngisho singasekho enkundleni.
“Njengomqeqeshi ozimisele kakhulu ngokudlondlobala kulo mkhakha wokuqeqesha, ngixhumana kakhulu nabaqeqeshi okubalwa kubo uManqoba Mngqithi, uZipho Dlangalala, uRonnie Moroka, uSimo Dladla noJomo Sono ohlale enginika amazwi akhuthazayo,” kuqhuba uDladla, owadela umsebenzi wakhe wobuthisha ngenxa yokulandela ubizo lokuqeqesha.
Kubadlali abahambayo nasebehambile kubalwa uNjabulo Ngcobo noCheslyn Jampies abajoyine iSwallows FC neBaroka FC ngokwehlukana, uMenzi Ndwandwe ojoyine iBloemfontein Celtic, uPule Mmodi obheke kwiGolden Arrows noCelimpilo Ngema oye kwiChippa United.
Oyimenenja yoThongathi, uMakhosonke Mhlongo, uthe nakuba belahlekelwe ngabadlali abamqoka kodwa ngakolunye uhlangothi kuyabathokozisa njengeqembu ukuthi abadlali babo babonwe ngamaqembu ePremiership, lokho okukhomba ukwenza kahle kweqembu yize lidlala esigabeni esingaphansi kwesePremiership.
Uthe lokhu kuzovulela ithuba abanye abadlali abebengalitholi ithuba lokudlala njalo nokuthi bakwazi ukusayinisa abanye abadlali abasalambele ithuba lokuzakhela igama ebholeni. Ube esekuqinisekisa nokuthi bakhona abadlali abanamava abazobagcina eqenjini ukuvivela isizini ezayo, okubalwa kubo uPhilani “Maoti” Shange, Issa Sarr, wathi uSiyabonga “Bhele” Nomvethe abasaxoxisana naye,