OMUNYE wababambile ekuqeqeshi i-Orlando Pirates, uFadlu Davids, uthe liphume nobomvu benqoba okokuqala selokhu kuqale isizini ka-2021/22.
NgoMgqibelo eZimnyama zidlule kwiSwallows ngo-1-0 wegoli likaTshegofatso Mabasa, elingene seliyoshona ilanga emdlalweni weDStv Premiership obuse-Orlando Stadium.
Lo mdlalo bekungowamagqubu ngoba Izinyoni yizo ezashabalalisa amaphupho eZimnyama okunqoba noma okuhamba ibanga elide kwiMTN8. Emidlalweni emibili yakamuva yeDStv Premiership, zihluleke zancama eZimnyama ukuthola amaphuzu aphelele. Zidlale ngokulingana neStellenbosch neMarumo Gallants.
"Nakuba kuhlale kunengcindezi kubaqeqeshi kodwa ngingabe ngenza iphutha uma ngingayivezi injabulo enginayo. Asethembe ukuthi lokhu kunqoba kuzovula izinhlanhla nasemidlalweni ezayo. Kusijabulisile ukunqoba kwiSwallows, eyiqembu eliqinile nelinamaqhinga okuvala emuva, ukudlala kahle esiswini nasekuhlaseleni.
“Kungijabulise kakhulu ukubona abadlali bethu benza ebesivumelene ngakho ikakhulu uma kuziwa ngasekucindezeleni izitha. Sibe nebhadi lokunganqobi ngamagoli amaningi. Yebo, igoli lingene sewuzophela umdlalo kodwa esiwombeni sesibili besazi ukuthi sizogcina silitholile.
“Besiwadinga okwangempela amaphuzu. Ngaphandle kwala maphuzu besidinga nokudlala kahle okuzosisiza emidlalweni elandelayo," kusho uFadlu osizana noMandla Ncikazi.
Lo mqeqeshi uphinde wachaza ngesimo sikaMabasa ojwayele ukungawuqali umdlalo noma angawuqedi. Ngesizini edlule uumdlali uhlale isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala.
"UMabasa akakabi sesimeni esigculisayo, usahluleka ukuqeda umdlalo. Kodwa uyazama ukusebenza kanzima, uzogcina engenile emgqigqweni. Uhlale esendaweni enhle ngesikhathi esifanele. Ngaso sonke isikhathi uhlale enentshisekelo yokunqoba,“ kusho uFadlu.
NgoMgqibelo ozayo iPirates izovakashela iChippa United, eNelson Mandela Bay Stadium, eGqeberha.