USIHLALO weBaroka FC, uKhurishi Mphahlele, udonse ngendlebe umqeqeshi uKgoloko Thobejane ngokuthi ayeke izinto ezingacekela phansi ikusasa lakhe ekuqeqesheni.
UThobejane ubuyiselwe esikhundleni sokuqeqesha isikimu esikhulu seBaroka emuva kokwenza kahle kwesidlala kwiDStv Diski Challenge.
Uthathe indawo kaThoka Matsemela owehliselwe kwiDiski. UThobejane akaqali ukuqeqesha esikimini esikhulu seBaroka kwazise nguyena owayinyusela kwiDStv Premiership ngo-2016.
Wakhonjwa indlela ngo-2018 emuva kokusabalala kwe-video ephuza nabadlali ebhasini leqembu. Waxoshwa nowayengukaputeni u-Olaleng Shaku nonozinti u-Oscarine Masuluke. UMasuluke ubuyile eqenjini ngesizini edlule wazoxolisa kuMphahlele emuva kokuyibamba kwiGladAfrica Championship.
"UThobejane sihlala ndawonye naye, siwumndeni. Kufanele akhule manje agxile emsebenzini wakhe. Ukujezisa umuntu akusho ukuthi uyambulala kodwa usuke ufuna ukumlungisa. Angimxoshanga ngoba ngangimzonda. Naye wakuqonda lokho. Ngifuna abe ngumqeqeshi ophezulu eNingizimu Afrika, alungele ukuthi ngelinye ilanga angabizwa ayoqeqesha iBafana Bafana," kusho uMphahlele.
Ebhentshini leBaroka, uThobejane uzosizwa nguVincent Kobola, Naughty Legau no-Albert Mathupa. IBaroka isendaweni ka-13 kwi-log yePremiership ngamaphuzu ayisishiyagalombili emuva kwemidlalo engu-11. Iwine kanye emidlalweni eyisikhombisa yakamuva.
UMphahlele uthe akalindele imilingo kuThobejane.
"Sinqume ukumlanda ngoba kade enza kahle kwiDiski. Siyakholwa wukuthi uzosilungisa isimo esikimini esikhulu. Bekubalulekile ukuthi sithathe isinqumo ngokushesha kungaze konakale kakhulu. Kodwa asilindele imlingo kuThobejane.
“Simlande manje ukuze ezothola isikhathi esanele sokulungisa iqembu. Amaqembu angaphezu kwethu ayasebenza, nathi kudingeka sisebenze. Sidinga abantu abasebenzayo. Nginalo ithemba lokuthi uThobejane uzophumelela ngoba nabadlali bayamthanda," kusho uMphahlele.
IBaroka izobuyela enkundleni ngeSonto uma isibhekene neLamontville Golden Arrows kowePremiership ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngo-3.30 ntambama.