UDESIREE Ellis, oqeqesha iBanyana Banyana, ubuyise uRhoda Mulaudzi evala isikhala sikaGabriela Salgado, ophume ngokulimala ohlwini okuzohlungwa abadlali abaya kwi-2022 Caf Women’s Africa Cup of Nations.
Lo mqhudelwano, ozobe udlalwa okuka-14 kulo nyaka, useMorocco kusuka ngoJulayi 2 kanti iBanyana izovula namaSuper Falcons aseNigeria.
Isikwati azohamba naso u-Ellis uzosimemezela ngoJuni 21 kanti abadlali bahlangane ekhempini eGoli izolo ngoLwesihlanu.
Ugqemeke engeqiwa ntwala u-Ellis kulimala uSalgado. Lesi sikhwishikhwishi senjini silimale ngoLwesithathu sidlalela iqembu iJVW koweHollywoodbets Super League bebhekene neBloemfontein Celtic Ladies.
Kuvele ukuthi uphuke isiphanga.
“Sigqemeke engeqiwa ntwala ngoba ungomunye wabadlali bethu abangokhiye. Lokhu kodwa kunikeza abanye abadlali esikwatini ithuba lokuziveza. Simfisela ukululama okuphuthumayo uGabby,” kusho u-Ellis.
UMulaudzi ngomunye wabadlali asebekhulile kwazise uneminyaka engu-32 kodwa amava akhe ayaziwa kwiBanyana.
KwiCup of Nations, iBanyana iqhathwe eqoqweni C neNigeria, Burundi neBotswana.
Kubhekwe ukuthi ezika-Ellis zishikishe eMorocco kwazise kusalindwe zibuye nesicoco sazo sokuqala salo mqhudelwano.
IBanyana igabe ngabadlali okubalwa kubo izilomo, uThembi Kgatlana ongumgadli we-Atletico Madrid noRefiloe Jane oyinjini ye-AC Milan.