Kaizer Chiefs - 4
Chippa United - 0
KUGQAME inhlese yamankentshane odumo lweMamelodi Sundowns eyabusa i-Afrika, iCBD, namhlanje ntambama ngesikhathi iKaizer Chiefs igubha usuku lokuzalwa kukasihlalo wayo uKaizer Motaung ’Shintsha Guluva’, ngokubhaxabula iChippa United koweDStv Premiership eFNB Stadium, eSoweto.
Wusuku olumqoka kuMotaung, emndenini nakubadlali ngoba ubeqeda iminyaka engu-77 edla anhlamvana, iChiefs yavele yanqoba ngo 4-0.
Lawa magoli amabili okuqala abaselwe nguKeagan Dolly ngomzuzu ka-12 noka-31 ngobuyoninco, avele ngemuva kwamabhola awadlalelwe nguKhama Billiat.
Elesithathu lishaywe nguBilliat ngomzuzu ka-72 ephakelwa nguDolly. Elesine lishaywe nguLazarous Kambole, esuka ebhentshini ngomzuzu ka-92 ngebhola eliphiliswe nguDolly.
ICBD lena, kwazi ngisho ingane encane ukuthi yayibunjwe ngazo izibongo zalaba badlali; uBilliat noDolly nozakwabo okwiChiefs kodwa osalimele, uLeonardo Castro.
Ngaleso sikhathi laba badlali bebeshisa izikhotha bezwana ngegazi kuhle kwamawele, befukula iSundowns yakwazi ukudla inkanyezi yeCaf Champions League.
UDolly noBilliat, abaqale ukudlala ndawonye kwi-Ajax Cape Town, le nhlese yeCBD bavele bayivuse ngosuku lokuqala bedlala ndawonye kwiChiefs, bebhekene neSundowns kwiquaterfinal yeMTN8. Ngalelo langa nguDolly owaphakela uBilliat igoli alibhajiswa ezintanjeni nokwenza umdlalo waxazalulwa ngamaphenathi.
Ukutholana kukaDolly noBilliat kuvuke ngesikhathi esihle kumqeqeshi wabo uStuart Baxter kwazise izolo, kugujwa usuku lomqashi wakhe nje, bekubuye uGavin Hunt ezozingela Impofana eyagqwalisa isithunzi sakhe imxoshwa ngoMeyi.
Ngokuqondana kwezinto, ubekhuzela iChippa okuyiyo emxoshisile. Ukubhacaza kweChiefs kaHunt kwiChippa ngoMeyi, yikho okwaqhumisa ithumba lokuthi akhonjwe indlela kwazise wayemuka nezihlabathi kweyeligi yize wayesengene kumasemifinal eCaf Champions League.
Akufuniselwa ukuthi nesimbambamba sayizolo simxovele udaka olungagcwala izinyawo zakhe noma yinini kuChippa Mpengesi, ongathi kusasa. Umphumela ushiye iChippa isendaweni ka-13 namaphuzu amahlanu ngemuva kokunqoba umdlalo owodwa kweyisikhombisa.
NakwiChiefs amehlo awakasuki ngoba bekuma inqoba umdlalo wesibili kule sizini.
Ilog yeDStv Premiership
Iqembu PWDLFAPts
Sundowns651011016
SuperSport Utd743010215
Royal AM640212712
Stellenbosch 633010512
Sekhukhune 73226411
Golden Arrows623111109
Pirates6231769
IChiefs7232689
AmaZulu6141447
Baroka FC 7214577
Maritzburg Utd6204586
CT City FC6132366
Chippa United7124385
Swallows6123175
Gallants FC5023162
TS Galaxy60244112
Imiphumela yeDStv Premiership:
Sekhukhune 1-CT City; SuperSport 2-0 Baroka; Chiefs 4-0 Chippa.
Imiphumela yeGladAfrica:
Black Leopards 0-1 JDR Stars; CT All Stars 0-0 Richards Bay; FS Stars 1-2 Tuks; Platinum City 0-0 Jomo Cosmos.