SITHEMBISO MKHIZE
UKUBA nolwazi kuka-Owen da Gama ngabadlali beTS Galaxy namava okuyibamba kwiDStv Premiership yikhona okwenze usihlalo waleli qembu, uTim Sukazi, wamnika isikhundla sokuqeqesha.
Ngemuva kwemidlalo yeDStv Premiership yangempelasonto, kuvele ukuthi ibhantshi seligcwale umoya kuZipho Dlangalala obebanjiswe ebhentshini ngemuva kokuxoshwa kukaDan Malesela emasontweni edlule. UDlangalala ubesebhentshini iqembu libhaxatshulwa ngo 3-0 yiSuperSport United ngoMgqibelo. Owokuqala eqhoqhobele izintambo babambane ngo 2-2 neBaroka.
NgoMsombuluko esithangamini sabezindaba eGoli, kwethulwe uDa Gama njengomqeqeshi omusha.
Ubegcine ukusebenza kwiHighlands Park isitifiketi sayo sokudlala kwiDStv esathengwa yiGalaxay.
USukazi uthe uDa Gama unikezwe inkontileka yeminyaka emithathu.
Echaza ngokwenze waqasha uDa Gama, uthe bamthathe ngenxa yokwazi iningi labadlali beGalaxy asebenze nalo kwiHighlands.
“Njengoba iligi iqhubeka besingekho isikhathi sokubekezelela umqeqeshi ongenawo amava esigaba esiphezulu. Ngokubheka isimo esikuso kwi-log, bekusiphoqa ukuqasha umuntu ofana noDa Gama onesipiliyoni nozoletha imiphumela emihle zisuka. Okuphinde kusijabulise ukuthi kwiHighlands usebenze neningi labadlali bethu, ngeke kuqalwe phansi,” kusho uSukazi.
Isolezwe lihoshe ukuthi uSukazi ubefuna ukumgcina uDlangalala njengephini kodwa bangavumelana noDa Gama ngalokho.
UDa Gama ufika iGalaxy isendaweni ka-13 ngamaphuzu ayisishiyagalombili emuva kwemidlalo eyishumi.
Umdlalo wokuqala kaDa Gama bazowudlala neChippa United ngoMgqibelo eMbombela Stadium ngo-3.30 ntambama.
“Kuyangithokozisa ukuthatha le nselelo. Akuzoba lula, mhlawumbe futhi nezithelo ngeke zivele ngokushesha. Okwethu ukusebenza kanzima,” kusho uDa Gama.