Ezemidlalo Ezinye Ezemidlalo

Ukhumbule umgijimi ongasekho benqoba kumaKZN Sports Awards

Sithembiso Mkhize|Published

UMBULELI Mathanga ubengumgijimi wePhantane AC odlule emhlabeni kulo nyaka Isithombe: SIGCINIWE

UMNIKAZI nomqeqeshi wePhantane Athletics Club, uMdu Khumalo, ukhumbule insephe yomgijimi engasekho, uMbuleli Mathanga, behlonishwa ngendondo yeTeam of the Year kumaKZN Sports Awards abengempelasonto e-ICC, eThekwini.

Le klabhu igqemeke ingozi engeqiwa ntwala kudlula emhlabeni obeyisethenjwa sayo, uMathanga, obedabuka eNtambanana, eMpangeni.

Ngesikhathi kushona lo msubathi sibe sikhulu isililo ngenxa yokuthi bekusalindelwe lukhulu kuye.

Ushiye abathandiweyo bakhe engumpetha kazwelonke webanga lika-10 000m. Wenza lokhu ekubeni bekungakapheli sikhathi esingakanani efike kulo mdlalo.

Naphesheya kwezilwandle ubeseqalile ukubadlisa ngamapayipi.

Iningi labathandi bezokusubatha belingakungabazi ukuthi kulo mcimbi kukhona abezobuya nakho uMathanga.

UKhumalo, obegqoke econsa, utshele Isolezwe ngomoya ophansi ukuthi nakuba iPhantane idle umhlanganiso kulo munxa kodwa sisopha isilonda sokudlula kukaMathanga obeteketiswa ngelikaMkhaya.

Uqhube wathi le ndondo bayinqobele lo mgijimi.

"Ibuhlungu inhliziyo yami, ngifisa ukube ngabe uMathanga ubenathi kulobu bukhazikhazi bomcimbi. Usishiye sinezinhlelo ezinzima ngaye kuleli naphesheya kwezilwandle. Ubewumgijimi onekhono eliyisimanga futhi umsebenzi wakhe ewuthanda. Le ndondo siyinqobele yena umfowethu.

"Asingabazi ukuthi umsebenzi awushiye ewenzile uzogqugquzela abaningi ikakhulukazi abasakhula," kubeka uKhumalo.

Uqhube wathi nakuba bengafikanga lapho abebefisa khona kodwa lo nyaka ubaphathe kahle kakhulu.

"Inhloso ukuthi sibe ngenye yamakilabhu ahamba phambili emhlabeni nethuthukisa izimpilo zabagijimi ngokuphelele. Sikhumbule ukuthi akukona okokuqala sinqoba le nkomishi.

"Lokhu sikuthatha njengophawu oluhle. Kusho ukuthi sisenza kahle kulo mdlalo wethu. Nakuba sijabule kodwa kusekude lapho kubhekwe khona. Kusamele sisebenze kanzima," kuqhuba uKhumalo.

Umgijimi waleli qembu, uGerda Steyn, unqobe iTotalsport Two Oceans Marathon.

Ube eselandela ngokunqoba iComrades Marathon ebisuka eMgungundlovu iphelela eThekwini.

KwiTwo Oceans uMathanga unqobe ibanga lika-21km ngesikhathi esiwu-1:03.58.

n Abanqobe kuma-KZN Sports Awards:

Sportsman of the Year - Matthew Sates

Sportswoman of the Year- Nonkululeko Mlaba

Sports Personality of the Year - Zakithi Nene

Team of the Year - Phantane Athletics Club

Sportsman of the Year with a Disability - David Watts

Sportswoman of the year with a Disability - Alani Ferreira noTrack Mckay

Junior Sportsman of the Year - Miles Liebenberg

Junior Sportswoman of the Year - Nobahle Mdelwa

School Team of the Year - Edendale Technical High School

Federation of the Year - KZN Cycling

Recreation body of the Year: Made for More

Coach of the Year: Wayne Riddin

Administrator of the Year: Nomkhosi Zulu

Volonteer of the Year: Sibongile Mazibuko

Newcomer of the Year: Grant Williams

Technical Official of the Year: Lee-Anne Stewart

Journalist of the Year: Sthembiso Mkhize

Photographer of the Year: Thuli Dlamini

Posthumous Award: Simiso Buthelezi and Clive Barker

MEC Special Award: Kebotseng Moletsane, Mlungisi "Professor" Ngubane noClaudia Barraball (Black Blazer)

Lifetime Archievement Award: Siyabonga Nomvethe noHashim Alma.