UBENGAFUNI azwane nabantu abadala kunaye unina womfundi waseLovu ogenciwe wase eshiswa nemoto enomunye ngoLwesihlanu entathakusa besolwa ngokweba inkomo.
Unina kaVuyani Chonco (18), obefunda umatric eHlengiwe High, uthe indodana yakhe beyingahlukani nomufi abatholakale beshiswe naye kwasala amathambo esigodini kwaMgendwa ngakhona eLovu.
UNksz Sibongile Ngcongo uthe kuphela ubuthongo uma ecabanga indlela indodana yakhe ebulawe ngayo. Uthe unqatshelwe ngisho ukubona isidumbu ngoba odokotela bathe kunzima nokuthola isitho abazolendela ngaso ulibofuzo.
Uthe indodana yakhe, eyiwele, wayigcina ngoLwesine ebusuku bebuka ithelevishini.
‘’Ngabuya emsebenzini ngicobekile, ngangakwazi nokubuka izinhlelo engizijwayele kwithelevishini. Ngatshela izingane ukuthi asisheshe sithandaze ukuze ngilale. Ngamshiya esabuka ithelevishini uVuyani. Ujwayele ukuthi uma eseqedile, akhiye bese eseyolala endlini yakhe ngaphandle,” kusho uNksz Ngcongo.
Uthe ngokujwayelekile nguyena ovusa umufi ukuze alungiselele isikole kodwa ngoLwesihlanu akammficanga endlini yakhe. Wacabanga ukuthi usheshe wazivukela waya esikoleni. Umangele uma ebuya emsebenzini kuthiwa akabuyanga ekhaya nasesikoleni akafikanga.
Ube eseya kunina womngani abashone naye, wathi neyakhe indodana kayibuyanga. NgoMgqibelo uNksz Ngcongo uye esontweni wabika ukukhathazeka kwakhe ngokunyamalala kwendodana.
“Ngithe ngiqeda ukubabikela abazalwane kwangena ucingo lukanina womngani kaVuyani engitshela ukuthi kuthiwa bashiswe nemoto. Ngithe ngibuyela ekhaya ngahlangana nabanye abafana bekhala ngesihluku okubulewe ngaso oVuyani, ngamangala.”
Uthe kube nzima ukuthola udaba esiteshini samaphoyisa, kwathiwa kumele bavule icala lokunyamalala komuntu. Batshelwe ukuthi babuye ngoMsombuluko sekukhona abaseshi. NgoMsombuluko baphindele emaphoyiseni bafike bathola ukuthi kunabafana abashiswe nemoto kodwa kunzima ukubabona ngendlela abashe ngayo.
Kusolakala ukuthi umufi nomngani wakhe basolwa ngokwebiwa kwenkomo ehlinzelwe duzane nalapho bebulawelwe khona. Ngokusho kukadokotela okhulume nomndeni kaVuyani, kuthiwa bagenciwe bashishwa bengakafi. Kuthiwa izidumbu zabo bezigitshezwe esinye phezu kwesinye, okwenza kube nzima ukubahlukanisa.
“Bengilokhu ngimkhuza uVuyani, ngimbuza ukuthi uhlanganiswa yini nabantu abadala yena esafunda. Nangelinye ilanga bamthatha waya ephathini eMlaza nakhona ngingathandi. Nasesontweni bajabhile ngoba ubekade edlala ama-drum kodwa esedembesela ngenxa yokushomana nabangani.”
Okumphatha kabi wukuthi akazi ukuthi bazongcwaba nini ngoba kusalindwe imiphumela yolibofuzo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe amaphoyisa afika endaweni yesehlo ngezithuba zabo 6.45 ekuseni ngoLwesihlanu afica abesilisa ababili beshiswe bangqongqa emotweni eyiveni iNissan. Uthe kuvulwe amacala okubulala esiteshini samaphoyisa eManzimtoti.
Imizamo yokuthola umndeni womngani kamufi ayiphumelelanga. Inkosi uNathi Maphumulo, ababulawele endaweni yayo, ithe basolwa ngokweba inkomo.