ZIYALELWE ukuba zehlise intengo ye-data noma zishushiswe izinkampani ezinkulu zakuleli iMTN noVodacom ezinqunyelwe okatini yiKhomishini yokuNcintisana kuleli.
Le khomishini iyalele lezi zinkampani ukuthi zinciphise intengo yazo ye-data zingakapheli izinyanga ezimbili noma zibhekane nokushushiswa.
Le khomishini ithole ukuthi i-data yalezi zinkampani imba eqolo. Phambilini iKhomishini yaphakamisa ukuthi i-data kumele yehliswe ngo-30% kuya-40%.
Izolo ikhomishini ikhiphe umbiko wayo mayelana nentengo ye-data. Le khomishini ithole ukuthi i-data imba eqolo lapha eNingizimu Afrika.
Ikhomishini ithole ukuthi iMTN neVodacom babiza kakhulu lapha eNingimu Afrika uma kuqhathaniswa nakwamanye amazwe abahweba kuwona.
UNgqongqoshe wezoHwebo neziMboni uMnuz Ebrahim Patel, uthe intengo ye-data yalezi zinkampani ayihambisani nabampofu.
UPatel (osesithombeni) uthe i-data esebenza nsuku zonke intengo yayo kumele yehliswe.
“Uphenyo mayelana nentengo ye-data lwenziwe emuva kokuthi ngixoxe nomlingani wami onguNgqongqoshe wezokuXhumana kuleli uNkk Stella Ndabeni-Abrahams, savumelana ukuthi kumele sicele iKhomishini ukuba iphenye,” kusho uPatel.
Uthe umphumela wokuqala wophenyo okhishwe ngoFebhuwari 24 nonyaka, lapho iKhomishini yavula iwindi lokuthi umphakathi uphawule waqinisekisa umbiko owake waphuma owawuveza ukuthi intengo ye-data imba eqolo.
Uthe ikhomishini yaphinde yathola ukuthi kukhona inkinga yokuncintisana emakethe njengoba intengo ishiyana kakhulu.
“Ikhomishini ithole ukuthi intengo ephezulu kunalokhu okumele ngabe iyikho lapha eNingizimu Afrika uma kuqhathaniswa namanye amazwe emhlabeni, nokuthi lezi zinkampani zenza inzuzo enkulu,” kusho uPatel.
Uthe uNkk Ndabeni-Abrahams uyena ohole umkhankaso wabo wokubheka umthelela wezomnotho nezobuchwepheshe nokuthi zingasetshenziswa kanjani ukufukula umnotho.
Ngisho noMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethula enye yezinkulumo ebhekiswe esizweni wakhala ngokumba eqolo kwe-data wathi kumele yehliswe.
Ngisho nengqungquthela ye-ANC eyayiseNasrec ngo-2017, yanquma ukuthi i-data kumele yehliswe kuleli ngoba imba eqolo.
Imizamo yokuthola uMTN noVodacom izolo ayiphumelelanga.