ZISENGCUPHENI yokuthi zingabhalwa ezinye izivivinyo zokuphela konyaka ezikoleni zaKwaZulu-Natal njengoba inyunyana yothisha, iSadtu, isabisa ngokuthi izoqhinqa kuze kulungiswe isimo semali esibhekene nezikole.
Le nyunyana ithe uMnyango wezeMfundo uhluleke ukufakela izikole imali yokusebenza eyaziwa ngama-norms and standards, nokuthi phohlo uchatha wothisha wemali eyaziwa nge-pay progression ezinye izifundazwe eseziyikhokhile.
Ithe uhluleke nawukuchathazela abafundisa uGrade R umholo kanjalo nokungaqashi othisha abavala izikhala zabangekho.
UNobhala weSadtu, uNksz Nomarashiya Caluza, esithangamini sabezindaba izolo eThekwini, uthe babewutshelile umnyango ezikhalazweni abazihambisa emashini yale nyunyana ebingenyanga edlule eThekwini, ukuthi kumele ulungise lezi zinkinga othishanhloko ababhekene nazo kanjalo nezikole kodwa akukho mnyakazo.
Uthe othishanhloko kudingeka basebenzise imali yabo ukwenza izidingo ezikoleni ngoba imali ayifakiwe.
“Othisha abakwazi ukusebenza ngaphandle kwemali yama-norms and standards, umnyango ongayifakile. Bajahwa ababakweletayo njengoba ingafakiwe le mali. Asifakelwanga uchatha okwakumele ngabe kade wangena emaholweni ethu ekubeni kwezinye izifundazwe kade yakhokhwa imali ye-pay progression.”
Uveze ukuthi ngeke izikole zikwazi ukubhalisa lezi zivivinyo imali ingafakiwe.
“Ukungafakwa kwemali kwenza ukuthi izikole zingakwazi ukufundisa ngesikhathi sasekuseni kakhulu noma ntambama. Kusuka namhlanje (izolo) nakusasa sizobe sichazela amalungu ethu ngomnyakazo olandelayo njengoba sizoqhinqa kusuka ngelizayo uma kungalungiswa.”
Uthe bazoqhubeka nokufuna izimfanelo zezikole umnyango uze ukhokhe.
“Ngoba izivivinyo zika-matric zibalulekile, siyalele amalungu ethu ukuthi angaziphazamisi kanjalo nalezo ezibhalwa emakolishi amakhono ama-TVET. Sizohlangana nezinhlangano zezigungu zabazali kanjalo nezinye izinhlangano kwezemfundo ngezikhalazo nezinkinga esinazo nomnyango.”
Uthe bazoqhubeka babambe izingxoxo nomnyango kuze kutholakale isixazululo.
“Noma kunjalo kodwa simile ekutheni izivivinyo zamanye amabanga kumele zibhalwe uma sekulungiswe izikhalazo zethu. Sizonxenxa nothisha ukuthi bangabe besazinikela, benze okungaphezu kwalokhu abaqashelwe khona ngumnyango.”
UNgqongqoshe walo mnyango, uNkk Mbali Frazer, neNhloko yawo, uMnuz Nathi Ngcobo, njalo uma bevela ngaphambi kwamakomiti asesiShayamthetho bahlale bekhala ngezinkinga ezifanayo zokungabi nemali eyanele yokuhlangabezana nezidingo zomnyango.
Bakhala nangokungakwazi ukuvala izikhala zothisha abasuke begula, abazivali nezinye izikhala zabasebenzi abasulayo noma abashonayo ngenxa yokuswela imali.
Kuqala ukubhalwa kwezivivinyo zika-matric kuleli sonto, uNkk Frazer uthe badonsa kanzima ngasemalini emnyangweni.
Uthe ziningi izinselelo ababhekene nazo, wathi bahlabela phambili nakuba kunzima.