IZINYUNYANA zithi liphume nobomvu ngesikhathi uNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongiseni Dhlomo, ememezela ukuthi ngeke esabuya esikhundleni.
UNobhala osabambile weDemocratic Nursing Organisation of South Africa (Denosa) KwaZulu-Natal, uNkk Sindi Ngcobo, uthe bayajabula ukuthi uDhlomo akasabuyi ngoba ubesefike ekugcineni.
“Kade sasinitshela ukuthi asisamdingi uDhlomo ngoba usefike ekugcineni. Siyathemba ozongena uzokwenza kangcono kunoDhlomo, aqinise ezokuphepha ngoba abahlengikazi bayahlaselwa ezibhedlela nasemitholampilo abanye bayabulawa beya emsebenzini. Siyathemba nohlelo lweNational Health Insurance (NHI) luzoqala ngokuthi ozongena aqashe abahlengikazi abaningi,”
Uthe abahlengikazi bayashoda ezibhedlela nasemitholampilo futhi uDhlomo ubengabancomi ngomsebenzi wabo omuhle abawenza bebhekene nezimo ezinzima.
“Ukushenxa kwakhe siyakwamukela, siyathemba kuzofakwa ongqongqoshe abawaziyo umsebenzi. Asisamdingi uDhlomo noDkt Aaron Motsoaledi sibona esewufezile umsebenzi wakhe.”
UMnuz Halalisani Gumede, uNobhala wePublic Allied Workers’ Union of South Africa (Pawusa), KwaZulu-Natal, uthe uDhlomo uhlulekile wukulwa nenkohlakalo ayifice eMnyangweni wezeMpilo ikakhulukazi ophikweni lwamakhaza kahulumeni.
“Sijabule kakhulu ukuthi useyahamba uDhlomo ngoba akezanga namasu amasha okulwa nenkohlakalo ebivele ikhona emakhazeni kahulumeni. Kunalokho isimo sibe sibi kakhulu. Ziningi izinto obekufanele azilungise esibala kuzo ukwenyusa isibalo sabasebenzi, ukuthenga impahla efanele yokusebenza nokuhlanza ngoba kumanje sisebenzisa amakhemikhali ashibhile. Izinsiza kusebenza ziyaphela ngoba uhlelo lokuthenga impahla alucacile.”
Uthe ozongena kufanele alwe nenkohlakalo ngoba uma engayilwi naye uzothwala kanzima.
UNobhala weNational Health, Education & Allied Workers’ Union (Nehawu), uMnuz Phakama Ndunakazi, uthe: “Siyajabula ngokuhamba kukaNgqongqoshe ongenamsebenzi walutho. Kudala sasinitshela ukuthi asisamfuni. Ukube kuya ngathi ngabe uhamba nezikhulu zomnyango ngoba nazo azinamgogodla, azikwazi ukuletha uguquko lwangempela kwezempilo,” kusho uNdunakazi.
Uthe abaphikisana nokuthi uDhlomo ubengawenzi umsebenzi kufanele bafunde umbiko woMvikeli woMphakathi ngodaba lwamakhaza, bafunde umbiko ngenkinga yokwelashwa kwesifo somdlavuza bahambele nezibhedlela nemitholampilo babone usizi olubhekene nomphakathi nabasebenzi bezempilo.
Ubalule ukuthi abasebenzi bayashoda futhi basetshenziswa amahora amaningi ngokweqile.
UNdunakazi ugqugquzele ozongena esikhundleni ukuba akhulume nezinyunyana bese eza noguquko lwangempela.
Isolezwe lihabule ngemithombo yalo ukuthi mathathu amagama aphakanyiswayo ukuthi angene esikhundleni sikaDhlomo okubalwa elomkhulumeli we-ANC KwaZulu-Natal, uNkk Nomagugu Simelane-Zulu, uMnuz Jomo Sibiya noMnuz Sboniso Duma abangamalungu eShiyamathetho KwaZulu-Natal.
Omunye igama lakhe elike laphakanyiswa nguDkt Ntuthuko Mahlaba kodwa kuthiwa alicaci ikusasa lakhe ngoba usahamba inkantolo ngezinsolo zokubulala.
Ethintwa uDhlomo utshele intatheli ukuthi akazazi lezo zinyunyana ezijabulayo ngokuhamba kwakhe. Etshelwa amagama azo, uthe ngeke akhulume nentatheli ngaleyo nto.