UMNDENI kathisha waseJozini owanyamalala ngoMashi unesiqiniseko sokuthi ngesakhe isidumbu esitholakale sesonakele ngasemfuleni, ngoLwesine.
Bese kusuke nezidubedube kunukwana emphakathini ngokuduka kukakaMnuz Xolani Mathenjwa, obefundisa eKuhlehleni Primary.
Lo thisha wanyamalala eyohlangana nomngani wakhe okuthiwa babezoya naye eMozambique ngoMashi 15.
Okhulumela umndeni, uMnuz Thembelani Ntshangase, uthe yize kusazohlolwa isidumbu kodwa banesiqiniseko sokuthi ngesakhe uthisha.
“Indawo atholakale kuyo ingasesiqiwini Usuthu, eduze komfula. Isidumbu bese sonakele ngoba sekusele amathambo. Okwenza sikholwe ukuthi nguyena ukuthi izimpahla ayezigqokile zitholakele eduze kwesidumbu. Kutholakale ngisho amaselula ayehambe nawo, iwashi, ibhande nekhadi lasebhange,” kuchaza uNtshangase.
NgoJulayi kuke kwavalwa izikole kwashiswa umuzi namakotishi enduna uMnuz Roman Mathenjwa, ebisolwa ngokuba nesandla ekunyamalaleni kukathisha.
Mayelena nezidubedube uNtshangase uthe amaphaphu ehlile emphakathini ngoba uthisha usetholakele.
Uthe sebethembele emaphoyiseni ukuthi azokwenza kahle uphenyo, kuvele iqiniso.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbele uthe isidumbu sitholakale ngezithuba zabo 8 ebusuku ngoLwesine, sitholwa umfana olusa izinkomo.
Uthe kuvulwe idokodo ngokufa komuntu eliphenywa esiteshini samaphoyisa eNdumo.
Uthe kuzohlolwa isidumbu ukuze kutholakale ukuthi yini ebulele umufi nokuthi nguye ngempela yini uthisha obenyamalale.
UMnuz Sihle Mlotshwa okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uthe bayazwelana nomndeni kathisha, abathemba ukuthi ukutholakala kwesidumbu sakhe kuzothoba amanxeba.
Unxuse ukuthi umphakathi udedele amaphoyisa ukuthi aphenye.
“Bese kunezinsolo nokuqagela okuningi ngokunyamalala kwalo thisha, esikholwa ukuthi umndeni uzodedela abomthetho ngophenyo,” kusho uMlotshwa.
Kuke kwasolwa ngisho umngani wakhe umufi ngokunyamalala kwakhe, owabuye watitinywa ngamalungu omphakathi, wavuka esibhedlela.
Kubuye kwanukwa ikhansela nenduna ngokunyamalala kukathisha.
Amakotishi enduna ashiswa kwakuhlala kuwo abafundi abakhishwa kubhikishwa, kwaphazamiseka ukufunda ezikoleni ezine ngoJulayi.
Kuthiwa umufi ubeyiphini likanobhala wegatsha le-ANC futhi esekomitini lezemidlalo esikoleni.