IQEMBU eliphikisayo iDemocratic Alliance (DA) lithi izwe lonke lilindele ukuthi umengameli Jacob Zuma asuswe esikhundleni sokuhola izwe, ashushiswe nabo bonke abanye abasolwa ngenkohlakalo.
Selokhe kwavotelwa uMnuz Cyril Ramaphosa njengomengameli omusha we-ANC ingcindezi yokuthi kususwe uZuma njengomengameli wezwe ilokhe ikhule njalo.
Izolo, abazibize ngamalungu e-ANC futhi begqoke izikibha zayo batshele izintatheli ukuthi bazomashela ezindlini zombuso ezisePitoli (Union Buildings) futhi ngeke bahambe kuze kube uMengameli Jacob Zuma uyehla esikhundleni sokuhola izwe.
Namhlanje umholi weDA, uMnuz Mmusi Maimane, uthe sebekhathele yizingxoxo eziphakathi kukamengameli wezwe nowe-ANC.
"Lelizwe lidinga ukuthu uZuma asuswe esikhundleni njengamanje, ashushiswe. Sidinga ukuthi kuthathwe izinyathelo ngokushesha, hhayi izingxoxo zikaRamaphosa," usho kanje.
Sekunamasonto uZuma noRamaphosa bedingida isikhundla sakhe njengomengameli wezwe kanti amaqembu aphikisayo asola ukuthi ubuholi be-ANC sebuhlulekile ukumsusa.
Amaqembu aphikisayo namhlanje athe afuna kube nevoti lokungabethembi ubuholi bukaZuma kuleli sonto ukuze ezokwazi ukuzibambela wona amsuse esikhundleni.
"Abadedele iPhalamende lenze umsebenzi walo siqhubeke," kusho uMaimane.
Imibiko engakaqinisekiswa iveza ukuthi uZuma uthe ufuna ukuvikeleka ngokomthetho uma ezokwehla esikhundleni.
UMaimane uthe uZuma akumele avunyelwe abambe izwe ngobhongwane.
"Uma efuna ukuvikelwa, ayikho indawo ephephe ukudlula ijele," kuphetha uMaimane.
Khonamanjalo, njengamanje ubuholi obuphezulu be-ANC buhlangene ePitoli ukuzobhunga udaba luka Zuma. Kulindeleke ukuthi kuphume isinqumo kulolu daba namhlanje.