YIZE ikusasa likaMengameli Jacob Zuma lingaqondakali kodwa usekhombise ukuthi uzosidlulisela phambili isinqumo esivimbela ukuthi kube nguyena oqoka umqondisi kazwelonke oshushisa amacala omphakathi.
Inkantolo enkulu yase Gauteng kuthe ngoDisemba 8 ngonyaka odlule yabuyisela eceleni ukuqokwa kuka Adv Shaun Abrahams, yamyalela ukuthi ashiye kulesi sikhundla yanxusa lowo owayephethe lesi sikhundla ngaphambi kuka Abrahams u-Adv Mxolisi Nxasana ukuthi abuyise isamba semali engu R17 million ayesithole ngesikhathi eshiya kulesi sikhundla.
UJaji Dunstan Mlambo wayalela iphini likaZuma uMnuz Cyril Ramaphosa ukuthi kube nguyena ozoqoka ozongena kulesi sikhundla ngoba uZuma uyathinteka kulolu daba.
Emaphepheni uZuma awathumele namhlanje enkantolo, abameli bakhe bathi inkantolo yaphazama ngokuba nalo mbono ekubeni ikhona eminye imisebenzi akwazi ukuyenza.
Bathi lokhu umthetho sisekelo wezwe uyakucjhitha.