OWAYENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma ubonge ukungenelela kukaSihlalo wekhomishini ephenya ngokulawulwa kombuso yidlanzana ngemuva kokushaya ungqimphothwe ekuhoxeni kule khomishini.
Ngemuva kokuhoxa kukaZuma ekufakazeni kule khomishini ngoLwesihlanu ekuseni, uJaji Raymond Zondo kudingeke ukuthi angenelele abize umhlangano ophuthumayo phakathi kwethimba labameli bekhomishini nabakaZuma.
Babe nesivumelwano sokuthi uZuma uzobhalela ikhomishini abeke olwakhe uhlangothi kubufakazi obethulwe ngaye kule khomishini. UZondo uveze nokuthi uZuma uvumile ukuthi uma kuhamba ngokwesivumelwano sabo uzobuya azofakaza kwikhomishini.
Ephawula ngalesi simbululo uZuma ubonge uZondo ngokungenelela azwe izikhalo zakhe.
“Ngiyabonga Sihlalo ngokungenela kwakho, okwenze ukuthi isimo engikuso sibhekisiswe ukuze sizothola isisombululo kuqhutshekwe. Kuyilungelo lawo wonke umuntu ukuphakamisa isikhalo uma sikhona, sibhekwe.
FUNDA:
Ngiyabonga okuthi ukwazile ukuhlangana nezinhlangothi zombili wathola isisombululo ngoba ngicabanga ukuthi sonke siyafisa ukubhekana nezinkinga ezikhungethe lelizwe,” kusho uZuma.
Uqhube wabonga uZondo ngokucacisa okuzokwenzeka emasontweni azayo ukuze kuqhubeke umsebenzi wekhomishini kahle.
“Akekho okumele azitshele ukuthi izikhalo beziyindlela yokuphazamisa ukuqhubeka komsebenzi wekhomishini. Bekuyizikhalo zangempela lezi ebezidinga ukufakelwa izibuko.Ngijabule ukuthi sisazoba yingxenye yale khomishini uma isiqhubeka nomsebenzi wayo,” kusho uZuma.