Kulindeleke ukuba avele enkantolo yeMantshi eMlaza namhlanje owesifazane othweswe icala lokubulala owesilisa.
Owesifazane kuthiwa ugwaze owesilisa amanxeba amabili esifubeni ngeSonto.
Kuthiwa kusolakala ukuthi baxabana wabe esephuthunyiswa emtholampilo oseduzane wafika washonela khona.
Akucaci ukuthi bebuyini ubudlelwane bukamsolwa nomufi.
UCaptain Nqobile Gwala uthe owesifazane igama lakhe elingeke lidalulwe aze avele enkantolo ubhekene necala lokubulala.
“Amaphoyisa asaphenya izizathu eziholele ekutheni owesifazane agwaze owesilisa. Kulindeleke ukuba avele enkantolo namhlanje. Kuthiwa isigameko senzeke eMlaza izolo. Sivule icala lokubulala. Sisaline ukuba sithole ngophenyo esilwenzayo ukuthi kwenzekeni,” kusho yena.