ZANELE MTHETHWA
U SEZOGANWA okwesithathu umholi wenkolo odume ngokudayisa amanzi okuthiwa ayaphilisa, obe sematheni ngonyaka odlule eganwa ngunkosikazi wesibili.
UDkt Hamilton Qhoshangokwakhe Nala osebizwa ngenkosi yamaNala, ukusho lokhu ngoLwesibili evele phambi kweKhomishini evikela iNkolo, uLimi noMphakathi eThekwini.
UNala ongafunanga ukwanda ngamaningi, utshele ikhomishini ukuthi isithembu sivumelekile enkolweni yakhe angafuni ibizwe ngebandla.
Ubecacisa ngokubuzwe nguSihlalo wekhomishini uNkk Thoko Mkhwanazi-Xaluva obebuza ngokubhalwe yiphephabhuku i Drum, uNala acashunwe ethi akahlali kakhulu namakhosikazi akhe abizwa ngeziNdlovukazi okunguNtombifuthi MaMbatha Nala noNobuhle MaShezi Nala ngoba uyacikeka.
Yize ethe iphephabhuku alimcaphunanga kahle, uvumile ukuthi akakukhuthazi ukuba nonkosikazi oyedwa.
“Abantu badivosa kangaka yingoba basuke sebecikene, kuyacika ukuhlala nomuntu oyedwa isikhathi eside. Nami ngangixabana nomkami esayedwa ngoba besichitha isikhathi esiningi ndawonye,” usho kanje.
Ubuye wathi akashadisi futhi akakhokhelwa emishadweni yamaKrestu athe ingamanga, ngisho izifungo zayo.
Uthe ukholelwa ekutheni umshado uhlanganiswa nguNkulunkulu ngemimoya yababili abashadayo.
Ngo-Ephreli odlule uNala waphumela obala ngokuthatha uMaShezi obevele esebandleni lakhe futhi ocula ekhwayeni nonkosikazi omdala uMaMbatha.
Lokhu kushaqise abanye abefundisi abathe akwenzayo kuphambene nenkolo yobuKrestu.
Yilapho uNala ecacise khona ukuthi akayena umKrestu nakwikhomishini aphinde wakugcizelela kodwa wathi uyakholelwa kuJesu Krestu.
Kwikhomishini ubehamba noMnuz Xolani Mabaso ongomunye asebenzisana nabo ebuholini nommeli wakhe uMnuz Shamin Rampersad.
Ubephelezelwa ngonogada.
Ubevele okokuqala kule khomishini emuva kokuhluleka izikhawu ezimbili, obesekuthiwe uzothathelwa izinyathelo zomthetho.
Ikhomishini ibigxile ekuphenyeni ngenzuzo eyenziwa yiNala Mandate International nokudayiswa kwemikhiqizo okuthiwa iyelapha. UNala uthe unezinhlelo kuthelevishini lapho abantu befakaza ngokusizwa yimikhiqizo yakhe, uNkk Mkhwanazi-Xaluva akubize ngokukhangisa.
UNkk Mkhwanazi-Xaluva utshele Isolezwe ukuthi bazokucubungula konke okushiwo nguNala kodwa sebexhumene nenhlangano ebheka izikhangiso i-Advertisiting Standards Authority abazosebenza nayo ukucubungula izikhangiso.
“Sizocela amakhasethi ohlelo lwakhe sibheke ukuthi akuzona yini izikhangiso azenzayo. Ngokomthetho wakuleli uma uthi umkhiqizo uyaphilisa kumele ukukhombise lokho ngokwesayensi, uma kungenjalo ukhohlisa abantu,” usho kanje.
UMabaso, uthe akukho abangakusho ngonkosikazi wesithathu kodwa bayokhipha isitatimende uma sekufike isikhathi.