UNOBHALA weCosatu KwaZulu-Natal, uMnuz Edwin Mkhize, usabisa ngokuthi bazowuqinisa umkhankaso wabo wokulwa nokuthi kwehliswe intengo kaphethroli nokunyuka kweVAT kuze kube bayalalelwa.
Amalungu eCosatu nezinye izinhlaka zomphakathi ngoLwesihlanu bahlele ukuthi baqhinqe eMariannhil Toll Plaza ukuze bazwakalise intukuthelo yabo ngokwenyuka njalo kukaphethroli neVAT.
Engxoxweni neSolezwe izolo, uMkhize uthe banethemba lokuthi umkhankaso wabo uzohamba kahle njengoba ziningi izinhlaka zomphakathi ezizibophezele ekutheni zizoba kanye nabo. "Noma ngingeke ngikwazi ukusho ukuthi silindele abantu abangaki kodwa ngingasho ukuthi baningi abantu abazibophezele ekutheni babe yingxenye yomkhankaso wethu."
Uthe kade bakuveza ukuthi abahambisani nokwenyuka njalo kukaphethroli. “Lona umkhankaso weCosatu kazwelonke, siyawuqala lapha eKZN silindele ukuthi nezinye izifundazwe zenze okufanayo."
Uthe bazowuqinisa umkhankaso wabo kuze kube bayalalelwa. “Uzokhumbula ukuthi sike sawenza umkhankaso ofanayo ngemuva kokwenyuswa kweVAT njengoba manje sesiqala impi yokwenyuka kukaphethroli,” kusho uMkhize.
Uthe balindele ngisho namadlelandawonye abo emkhankasweni wangoLwesihlanu.
“Ukunyuka njalo kukaphethroli neVAT kushaya kakhulu thina basebenzi, yingakho sithi asisukume,” kusho uMkhize.
Izinhlaka ezahlukene emphakathini sezizwakalise ukungenami ngokwenyuka njalo kukaphethroli osumba eqolo.
I-ANC izwakalise ukukhathazeka ngokunyuka kwezidingo ikakhulu uphethroli nokudla.
UMnuz Mdumiseni Ntuli, uNobhala wale nhlangano esifundazweni, uthe bazoba yingxenye yalo mkhankaso weCosatu esifundazweni.
“Sizothumela amalungu esigungu esiphezulu ukuthi abe yingxenye yalo mkhankaso wokulwisana nokunyuka kwezidingo. Noma sazi ukuthi ziningi izinto eziwumthelela wokuthi kunyuke izidingo kodwa lokhu kubeka umthwalo emahlombe abasebenzi nabantu abahluphekayo,” kusho uNtuli.
Unxuse uhulumeni ukuthi ubheke izindlela ongenza ngayo imizamo yokwehlisa isimo ukuze kuvikelwe abantu abantulayo.