LIHLEHLISELWE uFebhuwari 11 icala likaMnuz Zandile Mafe osolwa ngokushisa iPhalamende.
UMafe uzoya esibhedlela sengqondo ayohlolwa isimo sakhe njengoba kuvele ukuthi unesifo sengqondo esibizwa nge-schizophrenia.
NgoLwesibili bekukhona nommeli omkhulu, u-Adv Dali Mpofu, ethimbeni labameli abamele uMafe.
Ummeli kaMafe, uMnuz Luvuyo Godla, uthe bamangele uma sebetshelwa ukuthi uMafe wahlolwa ingqondo ngoJanuwari 3 ekubeni bengatshelwanga lezi zindaba ngoJanuwari 4 ngesikhathi beya enkantolo.
“Namhlanje umbuso usitshele ukuthi uMafe wahlolwa ingqondo ngoba ufuna ukusididisa ngokufanele sikwenze. Sitshelwe ukuthi uzoyiswa esibhedlela sengqondo ayohlolwa njengoba icala lihlehliselwe uFebhuwari 11. Sihlela ukufaka isicelo sebheyili ngaphambi kukaFebhuwari 11, sizoxoxisana nombuso,” kusho uGodla.
Uthe namanje bammele mahhala uMafe yize sekukhona u-Adv Dali Mpofu.
Uveze ukuthi uMafe uthe ngeke adle kuze kube isicelo sakhe sebheyili siyalalelwa.
Ubonge abamesekayo obekukhona kubo nabahlala emigwaqweni yaseCape Town nabanye.
UMafe ubeshefile, egqoke ishethi nebhantshi engabukeki njengosuku lokuqala enkantolo lapho ayenesihluthu esingakanyiwe futhi kungathi udidekile.