INKANTOLO yoMthethosisekelo igwebe owayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, izinyanga ezingu-15 ebhadla ejele.
Lokhu kuza emva kokuthi le nkantolo ithole uZuma enecala lokushaya indiva umyalelo weKhomishini ePhenya izinsolo zokuLawulwa koMbuso yiDlanzana.
Le nkantolo isinikeze uZuma izinsuku ezinhlanu ukuba azinikele emaphoyiseni ukuze ayoqala ukudonsa isigwebo sakhe.
Isinqumo seningi lamajaji abelalele leli cala sigcizelele ukuthi akufanele silengiswe isigwebo esinikezwe uZuma.
Ethula lesigwebo ngoLwesibili ekuseni, obambe njengoMehluleli oMkhulu, iJaji uSisi Khampepe, uthe indlela uZuma aziphathe ngayo ngesikhathi kuqhubeka icala iyona eyenze ukuthi inkantolo inqume ukuthi anganikezwa isigwebo esilengisiwe.
IJaji uKhampepe lithe uZuma wanqaba ukuzoziphendulela kule nkantolo, kwahlula noma esencengwa, kunalokho wakhetha ukuhlasela le nkantolo nezobulungiswa ngamazwi.
“UMehluleli oMkhulu (iJaji uMogoeng Mogoeng) wambhalela uZuma, emcela ukuba aziphendulele. Kunalokho uZuma wavele wabhala incwadi engamakhasi angu-21, lapho ehlasela khona ezobulungiswa. Akusimangazanga nokho ukuthi uZuma wanqaba ukuziphendulela,” kusho ijaji.
IJaji Khampepe lithe bekubalulekile ukuthi inkantolo ithumele umyalezo oqinile kuZuma.
“Indlela adelela ngayo umthetho nezobulungiswa ingenza ukuthi nabanye abantu begcine sebeyishaya indiva imiyalelo yezinkantolo. Kungokokuqala ukuba sibone kuhlaselwa kuphinde kusabiswe ezobulungiswa ngale ndlela.”
UZuma unikezwe izinsuku ezinhlanu ukuba azinikele esiteshini samaphoyisa eNkandla noma eGoli.
Uma ehluleka ukwenza lokhu, amaphoyisa anikwe izinsuku ezintathu emuva kwalezi ezinhlanu ukuthi ambophe amdlulisele eMnyangweni wezokuHlunyuleliswa kweziMilo.
Ikhomishini eholwa iJaji uRaymond Zondo yanikela kule nkantolo emva kokuthi uZuma enqabile ukuzokwethula ubufakazi phambi kwayo.
Le khomishini yayikade inikeze uZuma amasamanisi amphoqa ukuba azophendula imibuzo.