ILUNGU eliqavile elisanda kujoyina iqembu lezepolitiki, i-ActionSA, uMnuz Athol Trollip lizothatha izintambo zokuba nguSihlalo waleli qembu e-Eastern Cape.
Esimemezelweni asenze eGqeberha, uTrollip uthe ujoyine i-ActionSA ngoba ubefuna ukubona ushintsho lwangempela eNingizimu Afrika.
“Nginomlilo ongavumi ukucisha ngaphakathi kimi. Ngijoyine i-ActionSA ngoba ngifuna ukubona ushintsho lwenkululeko yangempela luphinde lwenzeka futhi eNingizimu Afrika,” kusho uTrollip.
Uthe ngesikhathi uMnuz Herman Mashaba, ongumsunguli waleli qembu, emcela ukuba ajoyine iqembu lakhe, kwamphoqa ukuthi acabange kanzima ngokuvuma isicelo.
“Silubonile ushintsho ngo-1994. Njengamanje sengifuna ukuthi ngiphinde ngibone ushintsho lwangempela. Ngibonile ukuthi ushintsho aluvele luzenzekele ngokwalo, kufanele kube khona umnyakazo owenzekayo kanti yisona sizathu esingibeke lana,” kusho uTrollip.
Uthe kuyamjabulisa osekuzuzwe yi-ActionSA ngokukwazi ukuthi ithinte izinhliziyo zabantu abavela kuzo zonke izinhlaka zempilo, ngisho nasezindaweni zasemakhaya.
UTrollip noMashaba, bobabili bake baba sezikhundleni eziphezulu eqenjini i-Democratic Alliance (DA) kodwa bashiya.