BEKUWUSUKU lwakhe lokuqala ebuyele emsebenzini selokhu kwaba nothaqa owesifazane waseMlaza ozithele phezu kwengane yomfana ilahliwe eceleni komgwaqo eHavenside, eChatsworth, eThekwini, izolo.
UNksz Gugu Mbulu (30), akazange akholwe izolo ngabo 6.30 ekuseni ebona ingane inqunu eceleni komgwaqo.
Elandisa Isolezwe uthe kukhona abehambisana nabo esanda kwehla etekisini eya emsebenzini njengoba engumsizi wasezindlini.
Uthe ubesaba kodwa inhliziyo yakhe ibifuna kakhulu ukusiza ingane, ahlenge impilo yayo.
“Angikholwanga ngibona ingane yomfana ilahlwe eceleni komgwaqo. Ibibekwe phezu kwephijama. Ebusweni kubekwe okuyi-vesti. Ibingagqokisiwe nokwenze ngabona ngezinyawo zayo ukuthi yingane lena. Isisu sayo besinyakaza nokwenze ngabona ukuthi isaphila,” kusho uNksz Mbulu.
Uthe ube ukubona ukuthi iyaphefumula washayela amaphoyisa ucingo.
“Bengisaba ukuyithinta ngoba ngike ngibone amaphoyisa eshutha kuqala endaweni yesigameko. Amaphoyisa athe asizame ukuyitholela izimpahla zokugqoka ayeza. Sicele komakhelwane basipha izimpahla sayigqokisa. Iqale lapho yakhala, ngabona ukuthi iphila ngempela. Ibigodola,” kusho uNksz Mbulu.
Eqhuba uthe: “Bengisaba ukuthi izoshonela ezandleni zami ngoba ibishiywe ingagqokile. Bekubonakala ukuthi isanda kuzalwa. Kube into enhle ukuthi ngisheshe ngiye emsebenzini ngoba bekuwusuku lwami lokuqala ngibuyela emsebenzini selokhu kwaba nothaqa. Ngingena ngo-8 ekuseni kodwa kulokhu ngithe angisheshe njengoba ngishayelwe * -6.30 ekuseni sengisondele ngasemsebenzini kanti ngizothola ingane,”
Uthe akazange afike sekudlule isikhathi emsebenzini ngoba amaphoyisa asheshile ayithatha ingane.
“Ngiyifisela impilo ende ngoba kubuhlungu okwenzeke kuyo. Ngizwe ngiyidabukela kakhulu ngoba nami nginengane yomfana eneminyaka eyisithupha,” kusho uNksz Mbulu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthe kusathungathwa unina wengane.
“Namhlanje (izolo) ekuseni ilungu lomphakathi lithole ingane yomfana esanda kuzalwa ekhoneni lomgwaqo uYolan noHavenside Drive. Ingane iyiswe esibhedlela ukuze ithole ukwelashwa. Kuvulwe icala lokulahlwa kwengane esiteshini saseBayview,” kusho uCapt Gwala.