IYASHUBA impi yamazwi phakathi komsakazi woKhozi FM uZimiphi “Zimdollar” Biyela nodadewabo kaNgizwe “Zulu Charmer” Mchunu, uWelile, asebeze bafakana enkantolo.
NgoLwesine kubo kaWelile eMtuba, kutheleke izikhonzi zenkantolo nencwadi efungelwe embizela eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngo-Agasti 21.
Encwadini engamakhasi amabili, Isolezwe elinayo, kuthiwa uZimdollar umangalele uWelile ngokumhlambalaza ekhasini lakhe kwiFacebook.
“Kunezinsolo ezenziwa ngommangali uZimiphi Happiness Biyela kwisitatimende esilandelayo ngesiZulu ngoJanuwari 6, 2020 ngezithuba zabo 10.15 ebusuku ezehlisa isithunzi futhi ezingamanga. “Yini Yani UZimdollar Nokuhamba eqoma. Akahlukane Namabhinca. Usefike Ekugcineni Manje. Somtshela Thina.”
Le ncwadi efungelwe ibhalwe ngoJulayi 21, 2020 yagxivizwa yiNkantolo yeMantshi eMtubatuba.
Ephawula uWelile uthe akazi lutho ngendaba yalezi zincwadi okuthiwa uthunyelelwe ngenxa yokuthi zishiywe kubo engekho.
“Angazi wangifunani...kodwa-ke angesabi lutho iyodibana khona enkantolo naye uZimiphi. Ngifuna angibophele iqiniso manje. Ngelusa mina! Ngeke ngidlale yena,” kusho uWelile odume ngokuba wumlandeli weGcokama Elisha.
Kwenzeka lokhu nje, akukhona okokuqala kutheleka abamthetho, kubo kaWelile.
Ekuqaleni kwalo nyaka kwafika amaphoyisa ashaqa uWelile ngazo izinsolo zokuthi wayechaphe lo msakazi kaSigiya Ngengoma neSibhukuda Kwesimanzonzo.
Waboshwa engazelele kungoLwesine waze waphuma ntambama.
Ukungcofwa kukaZimdollar kusukela enkulumeni yakhe, eyayithi amabhinca asengaze akhalele izihlanu ezintathu (R1.50) ayevote ngazo emncintiswaneni wengoma yokuhlukanisa unyaka.
UWelile wabe esenza i-video wakhwela wadilika kuZimdollar.
Eseboshiwe uWelile, uZimdollar wazwakala esezibongela emoyeni ethi umshaye wamphonsa esitokisini, okuyinto engehlanga kahle kuWelile.
Imizamo yokuthola uZimdollar ayiphumelelanga njengoba engawuphendulanga umyalezo athunyelelwe wona kanjalo nocingo lwakhe belukhala lungabanjwa. Nabameli bezinhlangothi zombili kabatholakalanga.