ZANELE MSOMI
U ZISHAYA isifuba ngokufika namasu amasha okudlondlobalisa ibhizinisi lokuthutha owesifazane waKwaMakhutha othathe izintambo kumyeni wakhe ongumsunguli waleli bhizinisi eselidlondlobalele nakwezinye izifundazwe.
UNkk Phetheni Mbonambi (39), uyiManaging Director yeSiyavaya Travel and Tours kanti ubuye abhekelele nokuphathwa kwamakhasimende ukuze ahlale ejabulile. Leli bhizinisi laqalwa ngumyeni wakhe, uMnuz Malusi Mbonambi ngo-2001. Ukungena kukaNkk Mbonambi ngo-2006 kuholele ekutheni kuhlelwe kabusha imigomo yebhizinisi nendlela yokulimaketha athi yalenza lagxila kakhulu embonini yosomabhizinisi. Lisungulwa belithutha noma yiluphi uhlobo lwabantu njengazo zonke izimboni zezokuthutha.
Umsebenzi kaNkk Mbonambi wenza ukuthi ahlale esemgwaqweni njengoba ehambela zonke izindawo okufika kuzo iSiyavaya Travel and Tours.
“Konke okuqondene nebhizinisi kubheke mina. Umsebenzi wami usumkhulu ngokwedlulele njengoba sesifinyelela eCape Town, e-East London, Port Elizabeth naseGoli. Kumele ngibe nohlelo lwesonto ukuze ngikwazi ukufeza zonke izindlela nemisebenzi okumele ngiyenze,” kusho yena.
Uthe uhlela imihlangano njalo ngoMsombuluko eThekwini ukuze bonke balungele ukuhlangabezana nomsebenzi wesonto. Uzihlelela izindawo azozihambela ukubheka ukuthi konke kuhamba kahle, axhumane namakhasimende ukuqinisekisa ukuthi anelisekile.
“Umsebenzi wethu ngowabantu, yingakho kubalulekile ukuthi bahlale bejabulile. Abashayeli bethu bayaqeqeshwa ukuphatha amakhasimende, bafundiswe kabanzi nangokushayela. Siyalandela nasemakhasimendeni akade ethuthwa ukuthi aphatheke kanjani,” usho kanje.
Uthe banabashayeli abawu-26 okubalwa nabesifazane. Bathutha izivakashi, izikole, nezithunywa ezihambela izingqungquthela.
UNkk Mbonambi owayenguthisha, uthe emsebenzini wakhe uyakugcizelela ukugcinwa kwesikhathi ngoba ngale kwalokho bayolahlekelwa ngamakhasimende. Banezimoto ezinkulu zokuthutha, ezincane nezinye ezihlukile ezenzelwe izicukuthwane.
“Ngiyawubona umehluko wokudlondlobala kwebhizinisi selokhu ngizibambele mathupha futhi ngiyaziqhenya ngalokho,” kusho yena.
UNkk Mbonambi onezingane ezinhlanu uthe usizwa ngumyeni wakhe emsebenzini yasekhaya angasakwazi ukuyifeza ngenxa yokuba matasa. Uthe kuyamsiza nokuhlala emthandazweni okuyiwona omnika amandla nokumelana nezinselelo. Ngale kokuba nguthisha, wenze nezifundo zokuphathwa kwebhizinisi.