Ngqongqoshe wezeMidlallo, uNkk Faith Mazibuko, okhwele wadilika kubasebenzi bezinye izinhlanga ebacwasa enkulumweni eqoshiwe. Isithombe: Nokuthula Mbatha

I-ANC eGauteng ithi izolusukumela ngokushesha uduba lukaNgqongqoshe wezeMidlallo, uNkk Faith Mazibuko, okhwele wadilika kubasebenzi bezinye izinhlanga ebacwasa enkulumweni eqoshiwe.

Le nhlangano ithe izomthathela izinyathelo uMazibuko ozwakale ebhoka ngolaka kubasebenzi bomnyango, ebatshela ukuthi kumele baphuthumise izidingo zabantu emphakathini njengoba kusondele ukhetho.

“Ngiyazifuna lezi zinkundla zemidlalo. Ngisho ngabe kuthiwa nizakha ngezandla zenu...uma udinga ukuthi undiza wenze umlingo, nakho lokho kuyokusiza ukuthi ukwenze...ngifuna lezi zinkundla zikhankasele u-ANC” usho kanje.

Lo ngqongqoshe ube esesabisa abasebenzi ngokubatshela kwezikabhoqo ukuthi bazolahlekelwa umsebenzi uma bengalandeli umyalelo wakhe.

“Imuphi omunye umnyango onesikhulu sezimali (CFO) esiyiNdiya? Umuphi umnyago oneNhloko ewumlungu? Ngakho kumele ningibonge ngokunipha umsebenzi.

“Yingakho eminye iminyango ingafuni nokubabona abesifazane abamhlophe noma abangamaNdiya...akukhona ukucwasa, nithanda ukugcina isiNgisi,” kuqhuba yena.

UNobhala-Jikelele we-ANC eGauteng uMnuz Jacob Khawe uthe iqembu liphoxekile ngenkulumo kaMazibuko.

Khonamanjalo, iPhini likaSihlalo we-ANC eGauteng, uMnuz Panyaza Lesufi, lithe uNdunankulu wakulesi sifundazwe, uMnuz David Makhura, uzohlangana noMazibuko namhlanje.