MCEBO MPUNGOSE
BASHAYA ngonyawo olusha abahleli bama-22nd South African Music Awards (SAMA) asebememezele ukuthi bahlanganise osaziwayo abazokhetha amaculo angu-22 awadlula wonke emlandweni womculo kuleli. Njengendlela yokubungaza umculo okhiqizwa abantu bakuleli, abahleli bama-SAMA bazokhipha uhlu lwamaculo angu-22 abalwa nangasoze abuna kuleli.
Kulabo abaqokiwe ukuthi bakhethe lawa maculo kubalwa iqembu elinezindondo ezingu-8 zama-SAMA iMafikizolo, umethuli wezinhlelo ophinde abe ngumsakazi uBonang Matheba, uDa L.E.S, uDJ Clock, uKojo Baffoe nabanye abaningi.
Bonke labaculi bakhiphe uhla lwamaculo angu-22 abawathanda kunawo wonke emlandweni womculo kuleli.
Uhlu olukhishwe ilaba baculi luzotholakala ku-website ethi www.applemusic.com/SAMA22 kanti azoqala ukuzwakala ngaphambi kosuku lwama-Awards azobe ese-ICC eThekwini ngoJuni 4.
Lo mcimbi uzobe uvezwa bukhoma kuSABC 1 (191) ngo-8 ebusuku kanti kulindeleke ukuthi kunandise abaculi abaseqophelweni eliphezulu okuzohlanganisa nokusebenzisana kwabaculi abaqhathwe emunxeni ehlukahlukene.
Isikhulu esiphezulu samaSAMA, uRefiloe Ramogase, uthe basungule uhlelo lwamaculo angu-22 ngoba bebona ukuthi abantu babuye bakhohlwe ukuthi umculo wakuleli usuhambe ibanga elingakanani.
“Umculo uphenduka into esiziphilisa ngayo nsuku zonke, uhambisana nezinto esidlula kuzo empilweni.
“Njengabantu baseNingizimu Afrika ngicabanga ukuthi asikujabuleli ngendlela efanele ukuthi sesihambe ibanga elingakanani endimeni yomculo nokuthi kumele sibonge kangakanani abaculi bethu asebeyibekile induku ebandla,” kusho yena.