UTHUKUTHELE uyaveva uyise wentombazane eyakhuleliswa ngobenguMengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma, uNksz Nonkanyiso Chonco.
UMnuz Fartescue Chonco uthe sekumume emphinjeni ukwedelelwa wuZuma ekubeni agqekeza futhi wakhulelisa indodakazi yakhe, awe evuka nayo isishiywe wunina. Izindaba zokuthandana kukaNonka Chonco (24), onomuzi endaweni yabadla izambane likapondo eBallito noZuma (76), zavela sekubelethwe ingane esibhedlela esizimele saseHillcrest, iBusamed, ngo-Ephreli 12, okuwusuku okwazalwa ngalo uZuma. UChonco (86) uthe baxhumana ngocingo noZuma bavumelana ngokuthi bazobonana kodwa kuze kube yimanje abakabonani.
“Ngaleso sikhathi uNonka wayengakabelethi. Nokuthi usebelethile ngaze ngakubona emaphepheni. UNonka nonina baze bafika nengane kwami futhi bangiyalela ukuthi ngingakhulumi nabamaphepha ngoba ngizobhidliza umendo kaNonka kwaZuma. Bathi indodana yami ehlala eGoli esizokhulumela umndeni wakwaChonco. Baze bangitshela ukuthi uZuma usewukhiphile uR184 000, kwathengwa izimoto.”
Uthe okumenze wafuna ukuphumela obala ngalolu daba ukuthi uyabona ukuthi uZuma uyamdelela njengoba engasafuni ukubonana naye futhi nendodana yakhe ithi ayisafuni ukuzihlanganisa nalolu daba, “kanti noNonka ubengasazibambi izingcingo zami futhi useyibhlokhile inamba yami.”
UMNUZ Fartescue Chonco uthi usalindele uMnuz Jacob Zuma namademeshe akhe Isithombe:SITHUNYELWE
Kwenzeka lokhu nje uNonka usehlale efake indandatho. UChonco uthe uNonka wamhlawula futhi wamkhulisa esemncane waze wafundela umsebenzi eVarsity College. “Akakaze wafunda ezikoleni zabantu abamnyama kuphela kodwa ubefunda kwezixube izinhlanga kuphela. Bengehla ngenyuka naye kusukela ngisakhe eThornville kwaze kwaba ngihlala kwaPata. Ngisho nomama ohlola izintombi (uDkt Nomagugu Ngobese) wazi mina ngoba waze wafika nakwami ngiseseThornville, wafike wamyala ukuba aze angakuyeki ukuhamba uMkhosi woMhlanga.” Uthe washaqeka futhi kwaphela namandla uma ethola ukuthi indodakazi yakhe ithandana nomuntu omdala kangaka futhi onesithembu samakhosikazi angaphezu kukanina kaNonka. “Kodwa yayingasekho into engangizoyenza ngoba kwase kwenzekile.”
Uthe wahlangana nonina kaNonka esahamba edayisa izingubo emigwaqweni futhi engumfelokazi wakwaNyathi.
“Wabe esesebenza njengokhondathi wamabhasi ami. Savumelana ngokuthi sizothandana futhi ngimenzele konke kodwa ngeke ngimshade. Ngamfica esenezingane ezimbili zalapho ayeshadele khona,” kusho uChonco. Imizamo yokuthola kubo kaNonka nonina, uNkk Nombuso Mokoena, ayiphumelelanga kodwa okhulumela uZuma, uMnuz Ray Zuma, wenqabile ukuphawula, wacela intatheli inikeze inamba yakhe kuChonco (ubaba).
Esethintwa uChonco uvumile ukuthi ukhulumile noRay Zuma okhulumela umndeni, kodwa wathi usazoxhumana noJacob Zuma.
“Udaba ungaqhubeka nalo ngoba usengidelele kakhulu uZuma.” UChonco uze wakhombisa ithimba leSolezwe NgoMgqibelo izithombe zikaNonka esemncane futhi nomama omncane kaNonka.