UNGQONGQOSHE ehhovisi likaMengameli, uDkt Nosazana Dlamini Zuma utshele amalungu ePhalamende ukuthi umbiko wakhe wesimo sezimali saseNorth West uzokwethulwa kusasa.
UDkt Dlamini Zuma utshele umkhandlu obhekelele ukusebenza kwezifundazwe ePhalamende ukuthi ukungenelela kwawo kulethe uzinzo eNorth West.
Uthe uzokwethula umbiko wakhe kusasa.
UMnyango wezokuBusa ngokuBambisana nezoMdabu usuzame ukuxazulula izinkinga komasipala abangu-20 kwabangu-22 eNorth West
Ungqongqoshe walo Mnyango uDkt Zweli Mkhize uthe omasipala abangu-12 eNorth West basesimeni esibi kuthi abangu-10 babe ngconywana uma kukhulunywa ngezimali.
Uveze ukuthi uMnyango wakhe uqale ukungenelela eNorth West ngaphambi kokuthi uhulumeni walesiya sifundazwe ufakwe ngaphansi kweso lomlawuli.
Uhulumeni waseNorth West ucishe wawa emuva kokuthi kuvele ukuthi kumoshwe uR15.3 billion kusuka kuR8.6 billion owawumoshwe ngo-2013.
UDkt Dlamini Zuma uthe kufanele kuqashwe iminyango kahulumeni, iziteshi zamaphoyisa, imitholampilo, izikole nezinye izikhungo zikahulumeni.
"Okubalulekile wukuthi sikwazile ukuqinisekisa ukuthi abantu bayazithola izidingo eNorth West. Kusasa sizoqinisekisa ukuthi umbiko uyatholakala," kusho uDkt Dlamini Zuma.
UMnyango wezeMpilo yiwona obuthikamezeke kakhulu ngenxa yokumoshwa kwemali.
UDkt Dlamini Zuma uthe bazoyilungisa iNorth West ngoba sebeyazi ukuthi yini okufanele ilungiswe.