WAQALA esemncane ukulangazelela ukuyofunda phesheya umfundi ohlabane ngomfundaze wokuyofunda esikhungweni semfundo ephakeme esihlonishwayo emhlabeni iHavard University, e-USA. USasasa Dlamini(17) waseMlaza ,eThekwini obefunda eWestville Boys High utshele Isolezwe ukuthi wayehlala ezwa ngalesi sikhungo esikhiqiza izingcithabuchopho.
Lo mfundi uphase ngamalengiso izifundo eziyisikhombisa ezidabula ngo-A zonke. Wenze kahle kuPhysical Science, Biology, Maths, History, IsiZulu, English neLife Orientation. Uthe njengoba eyokwenza iPhilosophy, Political Science and Economics ufisa ukubuya ezofaka isandla
ekufukuleni abanye abantu kuleli.
Uthe okumsiza kakhulu ngukuba nabangani abanganaki izinto ezidukisayo njengezidaka-mizwa nomjolo. Ube esegquguzela ontanga yakhe ukuthi babe namaphupho amahle ngekusasa labo. USasasa wayesethimbeni le-KZN Debating Team ebijikeleza iNingizimu Africa nyakenye. Ubonge kakhulu nabazali bakhe, uMnuz Nicholas noNkk Thelma Dlamini athe bayameseka kakhulu futhi bayakholelwa kuyena.
“Abazali nodadewethu bayangeseka, banginika nethuba elanele lokwenza umsebenzi wesikole.’’