SANDILE MAKHOBA
INKAKHA yomculi wekwaito kuleli, uBonginkosi ‘Zola 7’ Dlamini, iphume isishesha esteji ingakaqedi ukunandisa ngenxa yokuxinwa yisisu ngeSonto ebusuku, eYadini, eMlazi lapho ibilindelwe khona amakhulu abalandeli.
UZola, owazakhela udumo ngamaculo okubalwa kuwona u Mdlwembe, Ghetto Fabulous no Lwandle, umangaze abathandi bobumnandi ephuma esteji esashaye amaculo amathathu kuphela ekubeni bekumele anandise ihora lonke emcimbini obizwa ngeRoad to Durban.
Ekhuluma ngokwenzeke ngeSonto uZola ukuqinisekisile ukuthi uxinwe wukugula.
“Ngifike eThekwini ngisuka eLesotho, ngiyasola ukuthi mhlawumbe yinto engiyidle khona engazwananga nami. Inkinga iqale ehhotela sengifike eThekwini. Ngizizwe ngiba ngconywana ngabona ukuthi angiye emcimbini kodwa kufike kwaqala phansi. Kwala maculo amathathu ngiwashaye kunzima.”
Emva kweculo lesithathu alishiye phakathi, uthe uphuthume kumphathi wendawo uJabulani “Mjay” Nzama, omnikeze uviniga wathola amandla okuthi ashuthe izithombe nabantu esenzela ukuthi bangaphoxeki.
“Le nto ifana nomdlalo webhola. Ngezinye izikhathi izinto azihambi ngendlela obuhlele ngayo. Ake ucabange nje bekuzoba njani ukube bekumele ngihambele imicimbi emibili ukuthi bengizofika komunye nginjani,” kuqhuba uZola.
Esaphumile esteji uZola, abantu bazwakale bethi akasashayi no Mdlwembe. Emva kwesikhashana ubonakale esegoduka, ibhasi abehamba ngalo limcoshe ngaphandle. UJabulani Nzama, umnikazi waseYadini, obengathokozile neze uthe: “Angazi kwenzekani kodwa uthe uxinwe isisu, bekungamele avume ukusebenza engaphilile ngoba phela simkhokhele, asithandi futhi abantu bethu baphoxeke ngoba nabo bakhokhile.”
Emasontweni adlule uZola uke wabhala ekhasini lakhe lezokuxhumana ukuthi sekuye wonke umuntu eYadini kodwa sekusele yena yedwa. Abasichithanga-ke isikhathi eYadini bamqasha ngenxa yesikhalo sakhe. Abanye abaculi abebeshiyelana inkundla noZola kulo mcimbi uNaked DJ, DJ Feel, DJ Sjerere, DJ Ntukza, Touchofsoul, noDJ Sox.