UHULUMENI uzosungula isikhwama sokulethwa komshuwalense wezempilo kahulumeni, iNational Health Insurance (NHI).
Ethula isabelomali, uNgqongqoshe wezeziMali kuzwelonke, uMnuz Pravin Gordhan uveze ukuthi uhulumeni uhlele ukusungula isikhwama esizoxhasa ukulethwa kwe-NHI. Lokhu kulindeleke ukuthi kwenzeke onyakeni ka-2017/18 ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi bonke abantu bakuleli bathola usizo lwezempilo olusezingeni ngaphandle kokukhokha izizumbulu zemali njengoba kwenzeka ezikhungweni zezempilo ezizimele.
“Sifunde lukhulu ezindaweni ezingu-11 obekuhlolwa kuzona lolu hlelo, ngabangakwenza ukukhulisa umshuwalense. Kuningi futhi abakutholile nakubantu abalinganiselwa ku-160 abalethe izincomo zabo ngokufanele kubhekwe uma kulethwa i-NHI,” kusho uGordhan. Uthe lokhu abakutholile kuzobasiza uma sebebuyekeza usomqulu we-NHI.
Isikhwama esizosungulwa kulindeleke ukuthi senze umehluko ekulethweni kwezinhlelo zezempilo okubalwa kuzo ezokunakekelwa komama nezingane ezisanda kuzalwa, ukuyiswa kwezinhlelo zezempilo ezikoleni, nasekwelashweni kangcono kwabantu abaphazamiseke ngokomqondo nezinye. Lo mnyango uthole isabelo mali sika-R187.5 billion.
Umemezele nokuthi bafake imali elinganiselwa ku-R885 million ukuthuthukisa uhlelo lokuhlolela igciwane lengculazi no-R600 million wokwakhiwa kwesibhedlela sezingane, iNelson Mandela Children’s Hospital.
Bekulindelekile anabe ngentela yeziphuzo ezinoshukela njengoba eqale ukukhuluma ngayo nyakenye ethula isabelomali sanyakenye. Ngonyaka odlule uthe izoqala ukufakwa ngo-Ephreli kulo nyaka. Uthe ziyaqhubeka izingxoxo ngentela yeziphuzo ezinoshukela. Uma sekuphothulwe yonke imicikilisho ethinta le ntela futhi kwaphasiswa umthetho oyengamele iyobe isiqala ifakwa. Le ntela iyimizamo kahulumeni yokulwa nokwanda kwezibalo zabakhuluphele ngokweqile nokusabalala kwezifo ezidalwa yindlela abantu abaphila ngayo okubalwa kuzo isifo sikashukela nezinye. Uthe uzosebenzisana nongqongqoshe abehlukene okubalwa owezeMpilo kuzwelonke uDkt Aaron Motsoaledi, ezinhlelweni zokwakhiwa kwesibhedlela eLimpopo Central nesikhungo semfundo ephakeme sokufundela ubudokotela i-University of Limpopo.