NKOSIKHONA CELE
UVUMA eyokukhulelisa indodakazi yomkakhe, uMfundisi webandla laseZayoni osesolwe nangokukhulelisa amanye amavolontiya abalelwa eshumini ebandleni lakhe.
UMfu Mandla Mahlaba ongumholi weBandla, iNew Jerusalem eliseNtuzuma, uthi kuyiqiniso ukuthi impela uyikhulelisile indodakazi yomkakhe angayizali eneminyaka engu-19.
Ube esethi uzimisele kodwa ngokuhlalisa phansi unkosikazi wakhe nendodakazi ngoba ‘ubathanda bobabili’.
UMahlaba ubephendula iSolezwe Ngempelasonto ngemuva kokuqubuka kwezinsolo zokuthi usebhubhisile ebandleni, wakhulelisa inqwaba yamavolontiya.
"Vele ngiyikhulelisile indodakazi, lokho angeke ngize ngiwaqambe amanga ngithi angikwazi noma ngithi akwenzekanga. Angizimisele ngokuchazela wena ukuthi kwenzeke kanjani,'' usho kanje.
Ugcizelele ngokuthi lolu wudaba lwasesithe okungamele akhulume ngalo esidlangalaleni, bazolubhunga njengomndeni.
Ngaphandle kwalokhu, kunemithombo engaphakathi ebandleni ethi lo mfundisi muva nje wenza imigilingwane abangayiqondi.
Njalo ngeSonto kuthiwa uvele ahlabe isiklabhu athi asidliwe ngabazalwane. Kuthiwa usuke ethi abasishebe namasi.
"Lokho okhuluma ngakho ngisuke ngikwenza ngoba ngizama ukusiza bona. Angeke ngichaze ukuthi ngisuke ngibasiza kanjani,'' echaza.
Uphike walala ngomhlane wathi akathwele. "Umuntu othwele akasweli njengami. Phela mina ngizixakekele,'' usho kanje.
Mayelana nokuthi kunezinsolo zokuthi ubalekile, akaziwa ukuthi ukuziphi izinkalo, ukuphikile konke lokhu.
"Mina ngikhona ngizihlalele lapha kwami, ongifunayo akeze,“ esho.
Ikhansela lakule ndawo uNkk Mafi Zondi uthe bazwile ngezinto okuthiwa zenziwa uMfundisi endaweni. Lithe lizohlangana nabazali ukuze kuzotholakala isixazululo sodaba. Imizabo yokuthola unkosikazi kamfundisi ayiphumelelanga ngoba ucingo lwakhe ubengalluphenduli.